I-SUPERSPORT United ixoshe abadlali ababili abaduma kwiKaizer Chiefs, uTefu Mashamaite noKingston Nkhatha.
Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe yisikhulu esiphezulu seqembu uStanley Matthews. Bobabili laba badlali bazakhele udumo kuMakhosi ngesikhathi ekhala emuka nesicoco se-Absa Premiership ngaphansi kukaStuart Baxter kumasizini edlule.
UNkhatha ufike kuMatsatsantsa a Pitori ngo-2015 kwathi uMashamaite wajoyina leli qembu ngo-2016.
“UKingston noMasha bayashiya eqenjini. Izinkontileka zabo asizange sizivuselele. UMorgan Gould noYeye (Reneilwe Letsholonyane) bayahlala. Sesijoyinwe nguJames Keene obegijima kwiBivdvest Wits. Sasifuna ajoyine iqembu ngoJanuwari kodwa uJose Ferriera (oyisikhulu esiphezulu seWits) wathi ngeke akwazi ukusinika yena ngaleso sikhathi. Wacela ukuthi sibe nezingxoxo ekupheleni kwesizini sebazi ukuthi basindile ezembeni. Njengomngani ongumlingani wami omdala ngasihlonipha isicelo sakhe,” kusho uMatthews.
Leli qembu lisinde ezembeni ngosuku lokugcina sekuvalwe amehlo emuva kokuguqisa iPolokwane City ngo 1-0 wegoli lika-Aubrey Modiba eLucas Moripe Stadium.
UMatthews uvumile ukuthi ezakhe zike zayithinta imenenja yesilomo seBafana Bafana u-Andile Jali.
“Ngicabanga ukuthi alikho iqembu elingeke lithande ukusayinisa umdlali ofana no-Andile Jali. Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu. Ngike ngayithinta imenenja yakhe (uMike Makaab) saxoxa. Ngeke sikwazi ukumkhokhela. Izimfuno zakhe zingaphezu kwesinakho eqenjini. Ngicabanga ukuthi uzogijima kwelinye lamaqembu lapha eNingizimu Afrika,” kusho uMatthews.
UJali usanda kuhlukana neqembu lakhe iKV Oostende laseBelgium. Phesheya kwezilwandle uhlale amasizini amane. Wasuka kuleli egijima kwi-Orlando Pirates ayisiza yakhala yemuka nezicoco ezintathu zeligi.