IMENENJA yeRoyal AM, uRichard Makhoba, ikholwa wukuthi sebesitholile isixazululo enkingeni yokungaholelwa kwabadlali edale ukuthi bangabuyi ukuzolungiselela isizini yeBetway Premiership.
I-AM bekufanele ibhekane neChippa United emdlalweni weBetway Premiership ekuhambeni namuhla kodwa umdlalo wahlehliswa ngenxa yokuthi abadlali beqembu likaShawn “MaMkhize” Mkhize, ababuyanga. Ithumba liqhunjuzwe yiChilli Boys eveze ukuthi iPremier Soccer League (PSL) ihlehlise umdlalo ngaphandle kwesizathu. Lokhu kulandelwe yizindaba zokuthi abadlali be-AM ababuyanga ukuzoziqeqesha ngoba bakweletwa imiholo kaDisemba.
Kuvele ukuthi inkinga kaMaMkhize yokukweleta uSARS imali elinganiselwa ku-R40 million iphazamise ukuholelwa kwabadlali ngoba yiwona owengamele zonke izinto zakhe okubalwa nama-akhawunti asebhange. Ngaphezu kwalokho, i-AM ivaliwe ukuthi ibhalise abanye abadlali yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa. Lokhu kungenxa yokwehluleka ukukhokhela umgadli waseSerbia, uSamir Nurkovic, imali elingaselwa ku-R12 million ngemva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe.
UMakhoba ukuqinisekisile ukuthi abadlali sebekhokheliwe imiholo yabo kaDisemba futhi bazoqala ukuziqeqesha ngoMsombuluko sebelungiselela umdlalo wePremiership abazowudlala ne-Orlando Pirates ngoJanuwari 22, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
“Bonke abadlali basesimeni esihle futhi babheke ukubuya bazoqhubeka nomsebenzi. Inkinga bekungayena uMaMkhize lapha kodwa bekunezinto ezincane obekufanele zilungiswe nomlawuli oqokwe yiSARS. Ubedinga amaphepha athize ukuze kuphume imali yokuholela abadlali. Konke sekulungile manje, bonke abadlali sebeholile. Isixazululekile inkinga ebikhona futhi ngeke sisaba nenkinga yokuholela abadlali,”kuchaza uMakhoba.
Uqhube wathi:“Inkinga yethu ayifani namaqembu anjengeSwallows ngendaba yemiholo yabadlali. Ukuholela abadlali sekudlule isikhathi kuyenzeka nakwamanye amaqembu, akuqali ngathi. Abadlali bebengatelekile kodwa yithina esabachazela ngenselelo esibhekene nayo, sabacela ukuthi bangabuyi ngosuku esasivumelene ngalo. Yikho sicele iPSL ukuthi isihlehlisele umdlalo wethu neChippa.”
Ukuholelwa kwabadlali kwi-AM kuqinisekiswe ngomunye wabo, ovezele leli phephandaba ukuthi imali iqale ukungena ngoLwesine.
“Kade sikhuluma nozakwethu. Baningi abakuqinisekisayo ukuthi imali sebeyitholile. Ngokujwayelekile, ayingeni kithina sonke ngesikhathi esisodwa ngoba kuya ngokuthi usebenzisa liphi ibhange. Kodwa abadlali abaningi bakuqinisekisile ukuthi imali bayitholile. Sikulungele ukubuyela enkundleni manje siyoqhubeka nomsebenzi ngoba silindwe wumdlalo onzima ne-Orlando Pirates,”kusho umdlali.
Maphakathi nesonto kusabalale imibiko yokuthi kukhona abadlali asebecele ukukhululwa yi-AM, bayozama amatoho kwamanye amaqembu. UMakhoba ukuchithile lokhu, wathi bonke abadlali abanezinkontileka neqembu basekhona.
I-AM isendaweni ka-15 kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayisishiyagalombili emuva kwemidlalo engu-11. Isawine kanye kuphela kule sizini ka-2024/2025.