Abasiboni isidingo sokuxhanyazeliswa wumphumela otholwe yiBafana Bafana emdlalweni wokuqala ku-Group E, we-Africa Cup of Nations (Afcon) obuphakathi neMali, oSiphephelo Sithole noTeboho Mokoena.
Bobabili bebesenkundleni ngesikhathi iqembu lesizwe liqala ngebatha e-Ivory Coast.
Abadlali abangazange benze maphutha koweMali, bayavumelana ngokuthi asikho isidingo sokutatazela ngoba basengaziguqula izinto kodwa ukhiye wukusebenzisa amathuba abawatholayo.
USithole noMokoena bebekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) besekhempini yeBafana, eKorhogo, lapho bebezicijela khona ukubhekana nobunzima obuza noPeter Shalulile, neqembu lakhe.
INingizimu Afrika, okumele inqobe noma yikanjani komakhelwane bayo, izobhekana neNamibia ngeSonto ngo-10 ebusuku, e-Amadou Gon Coulibaly Stadium.
IBafana iwuqale ngebatha umqhudelwano ikhala ngaphansi ngo 2-0 kwiMali, kanti iNamibia ishayela phezulu ngoba iqophe umlando iwina okokuqala kwi-Afcon, ngokwehlula iTunisia ngo 1-0.
“Ubenzima umdlalo wokuqala ngoba sifike kuwona izitha zazi konke ngathi. Nakuba sisidlale kahle isiwombe sokuqala kodwa izinguquko abazenze kwesesibili yizona ezisideqile,” kusho uSithole.
Ephendula umbuzo ofanayo uMokoena uthe: “Besingcono esiwombeni sokuqala sakha namathuba kodwa esiwombeni sesibli basihlule ngezikhwepha. Kunzima ukukwamukela lokhu ngoba namanje ngisakholelwa ekutheni bekufanele sithole umphumela ongcono kwiMali.”
Nakuba iBafana ishayiwe futhi yashweba iphenathi kodwa umuzwa oqhamuka ekhempini ukhomba ukuthi ayiliphonsile ithawula.
“Asililahlile ithemba futhi sonke siyakholelwa ekutheni sinalo ithuba lokuqoqa amaphuzu amathathu kwiNamibia, yize sazi ukuthi izofika emdlalweni ihambela phezulu ngenxa yokuqala ngewini,” kuqhuba uSithole.
“Angikholelwa ekutheni kufanele sinqobe kumnyama kubomvu kodwa okungafanele kwenzeke ukuthi sishaywe. Ngokwami akonakele kodwa kufanele sishintshe ukuqalaza ikakhulukazi ekusebenziseni amathuba esiwatholayo,” kusho uMokoena sakuxwayisa.
Kusukela kumqeqeshi uHugo Broos, emuva komdlalo weMali ngoLwesibili oludlule, kuze kufike kumavidiyo athunyelwa yithimba leSafa labezindaba cishe nsukuzonke, izimpawu zikhomba ukuthi yize beyihlonipha iNamibia kodwa bayakholelwa ekutheni bangawaqoqa amaphuzu amathathu kuyona, bese bebheka owokugcina eqoqweni neTunisia ngoLwesithathu.
“Ngibona kusemqoka ukunqoba ukuze sizoya kowokugcina sikhululekile. Asingabazi ukuthi singawunqoba lo mdlalo neNamibia yize kufanele siyihloniphe,” kuphetha uSithole.