UMUNWE uwubhekise kubadlali bakhe abachaze njengabebezenzela okuthandwa ibona umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ngemuva kokubambana ngo 1-1 neMarumo Gallants koweDStv Premiership eRoyal Bafokeng Stadium ngeSonto.
UZwane oseqalile ukusizwa sishisa isihlalo akazange azihluphe ngokuvikela abadlali bakhe ngemuva komdlalo kepha wasola abanye babo ngokwenzela iGallants izinto zibe lula ngokungayilandeli imiyalelo yakhe.
Lokhu kuvele ngesikhathi lo mqeqeshi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
IGallants ihambe phambili kulo mdlalo ngegoli likaMahlatse Makudubela, iChiefs ithole elokulinganisa esiwombeni sesibili lishaywa uZitha Kwinika.
"Akukho okutheni ongakwenza ngabadlali bebhola ngoba bangabantu ngakho-ke bayaqhubeka nokwenza amaphutha asishayayo,” kusho yena.
“Siye kulo mdlalo sazi ukuthi iGallants izofuna ukugcina ibhola. Wonke umuntu ubonile ukuthi ibingeyona ingozi kithina okufakazelwa ukuthi ayakhanga mathuba atheni.
“Abadlali bami bavele bangixaka, uma omunye eshoshela eya phambili abanye bebevele bame bambuke. Ngihlale ngibatshela ukuthi uma ingekho ingozi esibhekene nayo, abatholakale esiswini.
“Uma sibaningi esiswini kulula ukuthi ibhola liwele kithina. Kunabadlali bami abane abebevele bazimele nje, yingakho iGallants ishaye igoli kuqala.
"Ngendlela lo mdlalo ebesiwuhlelele ngayo bekungamele sizithole sesiyilandela ngemuva iGallants. Ukusho iqiniso ngiphoxekile, bekumele siwathole womathathu amaphuzu kulo mdlalo," kulandisa uZwane.
Lo mqeqeshi uthe bayayilwa neyokugeja amagoli okuhlasele.
"Ingxenye kanobhutshuzwayo ukugeja amagoli. Nsuku zonke siyayilwa le mpi. Simatasa nangokufundisa abadlali bethu ukuthatha izinqumo eziphusile enkundleni.
“Kwesinye isikhathi umdlali bekumele aphasele omunye uma kushoshelwa phambili, yena avele abuyele emuva.
“Uma sike salungisa le nkinga ngikholelwa ekutheni sizowashaya amagoli. Ngiyaphinda ngithi ngiphoxekile, sibanike igoli kungafanele,” kusho uZwane.