UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ulindele umdlalo onzima kwiSekhukhune United ecijwa wuBrandon Truter amchaza njengohlale eqhamuka namaqhinga ehlukene.
La maqembu azotholana phezulu ngoMgqibelo, ngo-8 ebusuku, eFNB Stadium. Womabili aya kuwo ehambela phezulu ngenxa yokunqoba kwedlule. Ngempelasonto, Amakhosi ashaye iLamontville Golden Arrows ngo-2-0 kwathi ngoLwesibili, iBabina Noko yadlula kwiMarumo Gallants ngo-3-2.
UZwane noTruter bagcine ukuhlangana ngo-Okthoba wanyakenye emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8 ophele ngo-1-1.
UTruter ubesacija AmaZulu ngaleso sikhathi. Sekuyindaba endala ukuthi kowesibili ophele ngeqanda nhlangothi zombili, lo mqeqeshi ubesekhonjwe indlela.
Ebhentshini loSuthu bese kuhleli uRomain Folz waseFrance.
Esithangamini sabezindaba ebesibizwe yiChiefs izolo, ekhaya layo eNaturena, uZwane uveze ukuthi kuyabaphoqa ukunqoba kwiSekhukhune ukuze bazoqhubeka nomgqigqo wabo wokuqoqa amaphuzu amathathu.
Uveze ukuthi kuzomele bazibambe ziqine ngenxa yokuthi bazobhekana neqembu elicijwa wusomaqhinga okhaliphile.
"UTruter ungumqeqeshi ongeke umqonde. Ngeke umazi ukuthi uzoza naliphi iqhinga. Okwethu wukuthi silindele noma yini azoza nayo, bese nathi siqhamuka nesizomketula ngakho. Ngiwubukile umdlalo iSekhukhune eshaye kuwo iMarumo Gallants ngo-3-2. Iyiqembu elihle, elinabadlali abahlakaniphile nomqeqeshi omusha ofuna ukuziveza. Ngijatshuliswa wukuthi siya kulo mdlalo izethenjwa zethu ziphelele, ngaphandle kwabadlali abane abalimele," kubeka uZwane.
Uthe basalindele umbiko wodokotela ngokucacisa ngesimo sika-Ashley Du Preez.
UZwane uthe uyalithemba iqembu lakhe njengoba ekholwa wukuthi lihlanganise kahle abadlali abasebancane nabanamava.
"Sinenqanawe yesikwati ehlanganise abancane nabadala. Yingakho singatatazeli uma kukhona abalimalayo. Wonke umuntu ulwela indawo yakhe. Ubufakazi balokhu wukuya emdlalweni we-Arrows ngempelasonto edlule sinabadlali abalimele. Siphinde sangajima isikhathi esanele ngenxa yesimo sezulu (kodwa) siqhamuke neqhinga, sawunqoba umdlalo. Okubalulekile njengamanje wukubamba lowo mgqigqo,“ kusho uZwane.
Kwi-log, iChiefs isendaweni yesine, ngamaphuzu awu-24, emidlalweni ewu-14. ISekhukhune ikunombolo-12 ngawu-15.