UZwane ubekhuluma esithangamini nabezindaba ngeSonto ebusuku emva kokubambana kwezakhe ngo 1-1 nompetha beDStv Premiership, iMamelodi Sundowns eFNB Stadium.
Lo mqeqeshi ongafihli ukuthi usibhekile isikhundla abanjiswe kusona kuze kuphele isizini, uthe kuyoyisiza iChiefs ukuqasha umuntu oziqondayo izingqinamba zabadlali nakho konke ababhekana nakho emindenini yabo.
“Ngimile ekutheni sesifikile isikhathi sokufukula nokugqamisa okungokwethu. Kuhle kakhulu okwenzeka kwi-Orlando Pirates futhi kusobala ukuthi kuzohlangana ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uZwane ngokunikwa umsebenzi kukaMandla Ncikazi noFadlu Davids.
“Baningi abaqeqeshi bakuleli abaseqophelweni elifanele abangaba wusizo kwiChiefs ngoba bayaziqonda izinkinga ezibhekene nabadlali.
“Siphila ezweni elibhekene nezinkinga eziningi. Manje abantu abaningi abakunaki lokho. Akekho ozihlupha ngokuqonda ukuthi laba badlali baphuma emakhaya abhekene naziphi izinkinga.
“Kunabadlali abanezinkinga zamadlozi ngikusho lokhu ngoba sengike ngabhekana nakho ngisaqeqesha ezinkulisa zeChiefs.
“Uma lowo mdlali enomqeqeshi ongaziqondi izinto zesintu, maningi amathuba okuthi umdlali abukeke njengomuntu oletha izinkinga eqenjini.
“Anginankinga ngisho kungafika umqeqeshi wase-Europe kodwa kufanele azi ukuthi kunezinto zakhona eMzansi futhi ziyanakwa ngoba uma ungakwenzi lokho wulandelwa yizinkinga.
“Hhayi umuntu ozofika afune ukushintsha izindlela zabadlali zokuphila. Akukho madlozi e-Europe, ngakho kufanele kube wumuntu ozozimisela ukuthi kunendlela okuphilwa ngayo lapho esebenza khona.
“Kusemqoka kithina ukubheka ukuthi njengoba umdlali esekhushulelwe esikimini esikhulu, uyondla yini ekhaya, ngoba yilapho bethola khona izibusiso,” kuqhuba uZwane.
Lo mqeqeshi usale ephoxekile ngokuthola iphuzu elilodwa ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo, ikakhulukazi esiwombeni sesibili.
“Bekunzima ngasekuqaleni komdlalo kwazise besibhekene neqembu eselivele lisidlile isicoco ngakho-ke bekuyithina obekufanele sidlale kakhulu.
“Ngemuva kokushaya kwabo (iSundowns) igoli kulapho sivuke khona sadlala ngendlela obekuvele kuyiyona obekufanele sidlale ngayo kusukela umdlalo uqala,” kusho uZwane okhale ngamathuba kaSamir Nurkovic ngasekugcineni nephenathi kaKeagan Dolly evinjiwe. IChiefs isisendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-43 njengoba sekusele imidlalo emibili kusongwe iligi. Sekumele ilwele ukuthola amaphuzu aphelele kwiSekhukhune United nakwiSwallows, bese ithandazela ukuthi amaqembu angaphezulu kwayo aqhuzuke, ukuze ikwazi ukuthola indawo emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo.