NAKUBA iKaizer Chiefs iphoxile ishaywa iSekhukhune United ekubeni kuyinyanga ehlanganisa ngayo iminyaka ewu-53 yasungulwa kodwa umqeqeshi wayo, u-Arthur Zwane ujabule ngendlela abafana bakhe abadlale ngayo.
Kulo mdlalo obuseFNB Stadium ngoMgqibelo ebusuku, iChiefs ishaywe ngo-1-0 wegoli likaVusumuzi Mncube alishaye ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili. Abalandeli baMakhosi baye kulo mdlalo benethemba lokuthi abafana babo bazobasikela inkunzimalanga yocezu lwekhekhe kwazise leli qembu belihlanganisa iminyaka ewu-53. Ngaphandle kwalokho, ukube belinqoba belizoba semaqenjini amathathu aphezulu kwi-log yeDStv Premiership.
Esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo uZwane ubezwakala ukuthi ubhocobele futhi uphoxekile ngokushaywa iSekhekhune ngenyanga yokuzalwa kweqembu lakhe.
"Besifuna ukunika isipho esihle usihlalo wethu (uKaizer Motaung), abalandeli bethu nabo bonke ababe nesandla ekwakhiweni kwaleli qembu. Ngebhadi sihlulekile ukwenza lokho. Izinto ezinjena ziyenzeka ebholeni, emdlalweni olandelayo sizobuya ngamandla. Ngalokhu kushaywa akusho ukuphela komhlaba kithina," kubeka uZwane.
Uqhube wathi: "Yebo, ngiphoxekile ngokuthi sidliwe kade kumele sinqobe. Nakuba kunjalo kodwa ngiphoxeka ngibuye nganeno. Abafana bami badlale kahle kakhulu. Bengizophoxela kakhulu ukube sibe nomdlalo omubi saphinde sahluleka ukukhanda amathuba. Ngithanda ukubonga abadlali bami ngomfutho abawufakile. Ibhola kwesinye isikhathi likwenzela into ongayiqondi. Nakuba esiwombeni sokuqala singadlalanga ngendlela ebengiyifuna kodwa sakhe amathuba umaningi uma kuqhathaniswa nesesibili.
“Empeleni bekumele siye ekhefini okungenani sihamba phambili ngamagoli amabili. Kuqala isiwombe sesibili senze iphutha elilodwa, iSekhukhune yase isijezisa. Ngingathi nje, bekungelona usuku lwethu. Okunye wukuthi bekuwusuku lukanozinti weSekhukhune. Ubengafuni lutho. Emidlaweni elandelayo, owaMaZulu nakoweMamelodi Sundowns kuzomele sinqobe kumnyama kubomvu. Akonakele, sisasalelwe ngeminye imidlalo ewu-15.”
IChiefs iye koweSekhukhune iphuma ekushayeni iLamontville Golden Arrows ngo-2-0. Kowandulela lo mdlalo ibishaye izimbangi i-Orlando Pirates. NeSekhukhune ecijwa uBrandon Truter, iye emdlalweni weChiefs ihambela phezulu ngenxa yokushaya iMarumo Gallants kodlule. NgoLwesihlanu ezikaZwane zizovakashela AmaZulu, eMoses Mabhida Stadium ngo-7.30 ebusuku. Zisendaweni yesine ngamaphuzu awu-24, emidlalweni ewu-15. ISekhukhune ikweyeshumi, ngamaphuzu awu-18. NgoMgqibelo izodlala neStellenbosch, eDanie Craven Stadium ngo-5.30 ntambama..