UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ungena ezintangeni ngokubuyisela esikimini umakadebona wesitobha, u-Erick Mathoho, oshaye into ecokeme koweCarling Black Label Cup ngempelasonto edlule.
IChiefs ikhale ngaphansi kwi-Orlando Pirates sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo-0-0.
Ukuphuma kweChiefs kowandulela owamanqamu kwiCarling kuqhubeze indlala yezindebe kuleli qembu laseNaturena. Indebe igcine ihambe neMamelodi Sundowns ebhudluze iPirates ngo-4-0 kowamanqamu.
Nokho uMathoho, obengakaze uZwane amfake esikimini esiqala imidlalo eNaturena kule sizini, ushiye abalandeli begculisekile. UMathoho ubekade evotelwe ngabalandeli ukuthi angene esikimini seCarling Black Label Cup. Emidlalweni yeChiefs kule sizini maphakathi emuva, uZwane udlalisa u-Edmilson Dove noZitha Kwinika. Ngaphambi kokufika kukaDove, uKwinika ubedlala noNjabulo Ngcobo noma noSiyabonga Ngezana naye oselizwa ngendaba ijezi.
Akubuzwa ukuthi ukudlala kahle kukaMathoho kuzoyifaka ingcindezi kuZwane ikakhulukazi njengoba iqembu lakhe livuzisa amagoli.
"Ukuqoka abazodlala kuya ngokuba nzima uma ubheka ukuthi akakaze adlale kule sizini kodwa ungenile wahola ngokuba yisibonelo. Ungomunye wabadlali bethu abadala. Nami ngijabule. Lokhu kukhombisa ukuzimisela nokuzinikela kubafana bethu okuwukhiye kithina. Kunombango wezindawo futhi sizohlala sibheka ababili abadlala emuva maphakathi abazosinika okufanele," kusho uZwane kwabezindaba.
Sekuke kwabakhona imibiko ethi uMathoho akaneme ngokuhlala ebhentshini kangangoba ngeke acabange kaningi uma kukhona iqembu elimfunayo uma sekuvulwe iwindi ngoJanuwari.
IChiefs, njengawo wonke amaqembu kwiDStv Premiership, izohlaba ikhefu lomqhudelwano weNdebe yoMhlaba. Iyoze ibuyele enkundleni ngoDisemba 31 uma isivakashela iLamontville Golden Arrows koweligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
"Kufanele sigcine abafana bethu begxilise imiqondo yabo ngalesi sikhathi. Siyazi ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka kukhona amabhonasi futhi kuningi okwenzekayo. Ngiyajabula ukusebenza nalaba badlali. Baziphethe ngendlela efanele, bagxilise imiqondo yabo, bayakwazi abakufunayo, bazinikele, bafuna ukuphumelela okuyinto ewukhiye kimina. Sizofuna imidlalo yobungani. Uma singathola eqinile, kuzosilungela lokho," kusho uZwane.
Ngesizini ezayo iCarling izokwenabela nakwamanye amaqembu ePremiership.
Umqondisi wakwaCarling Black Label, u-Arne Rust, ukugcizelele ukuthi ngesizini ezayo wonke amaqembu eDStv Premiership azoqhuthana kwiCarling Knockout Cup. Lo mqhudelwano, owethulwe yiPremier Soccer League ezinyangeni ezedlule, uzovala isikhala seTelkom Knockout egcine ukudlalwa ngo-2019. Iqembu elizowina iCarling Knockout Cup lizobhekana neCarling IX okuyiqembu elizovotelwa ngabalandeli ngokuqoka abadlali emaqenjini ahlukene.