UNOZINTI weSuperSport United kwiDStv Diski Challenge, uSamkelo Xulu, ubona kufanele bakhohlwe yizimbangi kodwa bagxile kokufanele bakwenze ukuze banqobe iligi.
ISuperSport ivule igebe lamaphuzu amane esicongweni se-log yeDiski. Ilandelwa yiCape Town City ne-Orlando Pirates. Umjaho weligi uthathe elinye igxathu ngesikhathi iCity nePirates bethola isibhaxu ngokwehlukana ngempelasonto edlule. Lokhu kunike Amatsatsantsa intuba yokuphefumula esicongweni. Asedinga ukunqoba imidlalo emibili kwemithathu eyisalele ngaphambi kokuphela kwesizini. NgoMgqibelo, iSuperSport izogadulisana neLamontville Golden Arrows eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
"Umjaho awulula. Kufanele sithathe konke ngendlela umqeqeshi asitshela ngayo. Ngaphezu kwalokho kufanele sisebenze kanzima ngoba ingcindezi ikithina nabaqeqeshi. Kufanele siyinqobe iligi. Ngesizini edlule siqede endaweni yesibili futhi siphaphame sesihambile isikhathi, sesidlale imidlalo eyishumi. Kulokhu sizitshele ukuthi asiqale ekuqaleni kwesizini, sibone ukuthi sizophelela kuphi. Okwamanje senza kahle siyiqembu," kusho uXulu.
"Ngicabanga ukuthi akufanele sibheke ukuthi iCape Town City nePirates benzani. Kufanele sizibheke thina nesizokwazi ukukwenza kule midlalo emithathu esisalele, sizame ukunqoba ngendlela egculisayo. Emdlalweni owandulela wokugcina kufanele senze isiqiniseko sokuthi siyanqoba ukuze kubonakale ukuthi siyasifuna isicoco."
UXulu (22) waseMadadeni, eNewcastle, ukhulele enkulisa yeSchool of Excellence ngaphambi kokujoyina iBidvest Wits adlale kuyona nabadlali okukhona kubona uMpho Mathebula oseyibamba kwiRichards Bay noRowen Human odlala kwiMaritzburg United. Emuva kokudayiswa kweWits, ujoyine iSuperSport ngo-2020. Uma Amatsatsantsa eyinqoba iligi yeDiski, kuzoba ngokokuqala emlandweni kusukela yasungulwa le ligi ngo-2014.
Iqembu elizoba ngompetha lizovakasha phesheya kwezilwandle ezweni elisazomenyezelwa.
"Siseqophelweni lapho kufanele sinqobe futhi sonke sinethuba lokwenyukela esikimini esikhulu futhi sonke sinethuba lokuveza amakhono ethu. Uma sinqoba, noma kuphi lapho esizoya khona kuzoba yithuba lokuzibonakalisa phesheya kwezilwandle. Lokho kuyasigqugquzela singabaqeqeshi. Okunye okusigqugquzelayo wukuthi selokhu yasungulwa iligi asikaze isiyinqobe, " kusho uXulu.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge yangempelasonto:
Kusasa - Ngo- 10am: Golden Arrows v SuperSport United (Sugar Ray Xulu); Maritzburg United v Marumo Gallants (Harry Gwala Stadium); TS Galaxy v Chippa United (Solomon Mahlangu Stadium).
Ngo-12pm: Orlando Pirates v Mamelodi Sundowns (Sugar Ray Xulu)
NgeSonto - Ngo-10am: Richards Bay v AmaZulu (Sugar Ray Xulu Stadium); Swallows v Sekhukhune United (Dobsonville Stadium).
Ngo-120pm: Stellenbosch v Royal AM (Idas Valley Sports Ground); Kaizer Chiefs v Cape Town City (Sugar Ray Xulu Stadium).