ISITOBHA se-Orlando Pirates, uTapelo Xoki, sifuna bandise izinkinga zePolokwane City uma sebetholene phezulu emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
IRise and Shine inqobe iMoroka Swallows ngo 1-0 emdlalweni wayo wokugcina weligi kodwa izongena kowakusasa ihamba kancane kulandela ukushaywa yiRichards Bay FC ngo 3-2 kwiLast 32 yeNedbank Cup ngempelasonto edlule.
Leli qembu eliphekwa nguPhuti Mohafe lisendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-17. UXoki uthe akufanele balivumele livuke ngabo.
“Ngeke kube wumdlalo olula ngoba bahluliwe emdlalweni wabo wokugcina. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi sizilungiselela kahle futhi siye khona sinomqondo omuhle, sizame ukubuyela endleleni eqondile kwiligi,” kusho uXoki.
“Asiyinqobanga imidlalo emibili yakamuva yeligi ngakho-ke kumqoka ukuthi sikulungise lokho. Kufanele siye khona ngenhloso yokuthola umphumela omuhle esiwudingayo.”
AmaBhakabhaka adlale ngokulingana ngo 1-1 neMamelodi Sundowns emdlalweni wawo wokugcina weligi. Nokho, aqale kahle ukuvikela isicoco seNedbank Cup ngokulobola iCrystal Lake FC ngo 6-0 ngoMgqibelo odlule.
Iqembu likaJose Riveiro lisendaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-17. Lisele ngamaphuzu angu-16 kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili. URiveiro usanda kutshela abezindaba ukuthi alisekho ithuba lokwehlulwa kweZimnyama uma zizimisele ngokuqenda endaweni yesibilii kwi-log okuzozifaka kwiCaf Champions League.
Yize iPirates isendaweni yesihlanu kodwa lisekhona ithemba lokuthi ingazibekisela indawo kwiChampions League. Isele ngamaphuzu amahlanu kwiCape Town City neSuperSport United, asebedlale imidlalo engu-18 ngamunye.
“Akuyona imfihlo ukuthi iqembu elikhulu njengelethu kufanele libe semiqhudelwaneni yeCaf njalo. Kusiphoxile ukuthi asikwazanga ukungena esigabeni samaqoqo kule sizini. Kubalulekile ukuthi sikulungise lokho kodwa akuyona into okufanele sigxile kakhulu kuyona njengamanje. Sibheke kakhulu umdlalo olandelayo nePolokwane City.”
Yize umsebenzi wakhe omkhulu kuwukuvala emuva, uXoki usehlohle amagoli amane emidlalweni emithathu yokugcina ayidlalele iPirates, amathathu awo obekungamaphenathi.
“Inhloso ngaso sonke isikhathi ukuthatha esikwenza ejimini sikufake emidlalweni. Sonke sifunda ngokwenza. Ngike ngawageja amaphenathi phambilini kodwa ngibuye ngizokhahlela amanye,” usho kanje.
“Lo msebenzi nginikwe wona ngoba ngisebenza kanzima ukuzithuthukisa kodwa bakhona nabanye abadlali eqenjini abangawashaya amaphenathi uma ngingekho. Uma ngisanikezwa lo msebenzi angisoze ngawubalekela.”
Ngesikhathi iPirates ibhekene nePolokwane City emdlalweni weligi e-Orlando Stadium ngo-Okthoba umdlalo waphela zibambene ngo 1-1.