ISITOBHA seStellenbosch FC, uThabo Moloisane, sibonga ukuthi sisadlala esigabeni esiphezulu sePremier Socce League (PSL) kulandela ukugawulwa yizembe neMaritzburg United kwiDStv Premiership, ekupheleni kwesizini edlule.
Ngemuva kokuthi iTeam of Choice ihlulekile wukuzigcina kwiPremiership, uMoloisane (24) ube ngomunye wabadlali abathole amakhaya amasha ngesikhathi esayiniswa yiStellies.
Okwesibili edlala eKapa njengoba eke wadlalela iCape Town All Stars kwiMotsepe Foundation Championship kusukela ngo-2020 kuya ku-2022. Leli qembu walijoyina esuka eqenjini elincane leMamelodi Sundowns.
Lo mdlali oke wadlalela neqembu lesizwe lika-Under 20, usayiqale yonke imidlalo kule sizini ngaphandle kwangayidlalanga ngesikhathi ethole ikhadi elibomvu. Uthe uzizwa esekhaya eqenjini likaSteve Barker.
“Kuningi okungashintsha ebholeni esikhathini esiyizinyanga. Ngihlale ngilibonga ithuba lokudlala lapha futhi kwesinye isikhathi angikholwa ukuthi lokhu kwenzeka kimina ngempela. Ngemva komdlalo owandulela owamanqamu ngesikhathi sibuyela ehhotela, ngazithola sengikhala ngedwa, ngicabanga ukuthi izinto zishintshe kangakanani ezinyangeni eziyisithupha. Ngiyambonga uNkulunkulu,” kusho yena.
“Ekuqaleni kwesizini ngike ngasho ukuthi leli yiqembu elinabadlali abaningi abasebancane futhi kuzoba yiqembu abantu abazobe bekhuluma ngalo kule sizini. Ngiyajabula ukuthi engakusho sekuyenzeka ngempela. Ngesikhathi ngifika lapha ngithole umuzwa wokuthi lesi yisikhathi sokuthi iqembu ligqame.
“Siyiqembu labadlali abasebancane abasebenza kanzima, abalalelanayo, abafuna ukwenza okuhle bafeze amaphupho abo.”
IStellies isethubeni lokunqoba isicoco sayo sokuqala njengoba izobhekana neTS Galaxy kowamanqamu eCarling Black Label Knockout eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
UMoloisane,owashaya elinye lamagoli ngesikhathi bequmba phansi iRockets ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership ngo-Okthoba, uthe bonke bayazi ukuthi usemqoka kangakanani umdlalo wangoMgqibelo.
“Sinethuba lokuqopha umlando, akuwona nje omunye umdlalo. Sifuna ukuzifaka emabhukwini omlando eStellenbosch FC,” usho kanje.
“Kube wuhambo olunzima kakhulu. Yonke imidlalo yethu kulo mqhudelwano siyidlale ekuhambeni. Kuyakhombisa ukuthi sineqembu elizimisele kakhulu elikwaziyo ukubhekana nanoma yini ebekwe phambi kwethu.
“Ngesikhathi sihlelela isizini, enye yezinto esizifake ohlwini lwesifuna ukuzizuza bekuwukufinyelela kowamanqamu njengona sesiphakathi. Eyesibili wukuqeda isizini sisendaweni ezosenza singene komunye wemiqhudelwano yeCaf. Uma singakufeza konke lokho kungaba yisizini eyimpumelelo,” kuphetha yena.
Iphini lo mqeqeshi kwiGalaxy, u-Adnan Beganovic, lithe, njengoba bedlule emaqenjini anzima ukufinyela kowamanqamu, abalindele izinto zibe lula nakwiStellies.
“Sihlule amaqembu anzima, iMamelodi Sundowns, Sekhukhune United naMaZulu. Siyazi ukuthi kuzoba nzima nokushaya iStellies, isefomini enhle. Ukungena kowamanqamu eCarling kuyinto enkulu kubadlali naseqenjini lonkana. Sizama ngakho konke ukususa ingcindezi kubadlali bethu. Sifuna bakujabulele ukuba kulo mdlalo. UNkulunkulu awaziyo ukuthi kuzonqoba liphi iqembu,” kusho Beganovic.