Omunye wabaholi beBafana Bafana njengoba iya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast, uPercy Tau, uvule isifuba ngakubize ngobunzima bokwanelisa abalandeli bebhola laseNingizimu Afrika ababhekana nabo njalo uma beya emqhudelwaneni omkhulu.
UTau (29) ungomunye wabadlali abathathu kuphela abasesikwatini, sikaHugo Broos, aseke baba yingxenye yalo mqhudelwano omkhulukazi e-Afrika.
Abanye abazi ukusuka nokuhlala bobunzima be-Afcon ukaputeni, uRonwen Williams, nozakwabo kwiMamelodi Sundowns, uThemba “Mmshishi” Zwane.
Ngo-2019, uTau ubekwiBafana eyayiholwa uStuart Baxter, eyaphelela kweyama-quarter final e-Afcon (ikhishwa iNigeria kade isikhiphe osokhaya i-Egypt).
Ngokusho kukaTau, obekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa), esekhempini eKapa, ngaso sonke isikhathi uma beya kulo mqhudelwano basuke beyela ukulihamba lonke ibanga.
“Minyaka yonke uma siya emqhudelwaneni ofana nalo esiya kuwona, inhloso yethu kusuke kuwukubuya nesicoco,” kusho uTau.
“Inkinga ukuthi sidlalela abalandeli, okungelula nokho ukubenelisa ngaso sonke isikhathi. Kwi-Afcon yase-Egypt esigcine ukuyidlala, siye kuyona ngenhloso yokuwafaka wonke amandla esinawo ukuze sizoyiwina kodwa kwangenzeka.
“Nakulokhu akukho okushintshile. Siya ngomfutho nezifiso ezifanayo kodwa kunabathile abangazimisele ukukuqonda lokhu ngoba basikala ngokuthi besingekho kwi-Afcon edlule,” kusho lo mdlali sakubalisa.
Lo mdlali oqokwe njengongcono e-Afrika kwabadlala kuleli zwekazi, uyayiqonda indima yakhe kuleli qembu lesizwe elibunjwe ngabadlali abazobe bewugijima okokuqala lo mqhudelwano.
“Okusemqoka ukungabafihleli ukuthi siyothwala kanzima kulo mqhudelwano. Imidlalo ithothene kanti wonke amaqembu esizwe alande bonke abadlali bawo bekhethelo,” kuqhuba yena.
“Ukuthi sizodlala kanjani nokunye sizoqala ukukuhlelela kahle uma sesifikile e-Ivory Coast. Asikho isidingo sokubasabisa okwamanje ngaphandle kokubacijela ukuthi bazi ukuthi kufanele bazibambe ziqine.
“Sizokhululeka kahle sikhulume nangamaqhinga nangokujabulela ithuba (abalinikiwe) uma sesifikile e-Ivory Coast sanethezeka,” kuphetha uTau.
IBafana izovula lo mqhudelwano ngomdlalo onzima neMali ngoLwesibili ngo-10 ebusuku ku-Group E. Amanye amazwe eqhathwe nawo luleli qoqo, iTunisia neNamibia.