AmaZulu FC (0) 0
Mamelodi Sundowns (0) 1
IMamelodi Sundowns iqhubekile nokuvula igebe esicongweni se-log yeBetway Premiership ishaya AmaZulu emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.
Igoli enqobe ngalo livalelwe phakathi ngu-Iqraam Rayners ngemizuzu yokugcina esiwombeni sesibili, AmaZulu esethembile ukuthi azophuma nephuzu kulo mdlalo.
URayners, ovutha engabaselwe selokhu ejoyine iSundowns kule sizini, ulokhu eqhubekile nokushayela leli qembu amagoli amqoka njengoba leli bese kuyigoli lakhe lika-13 kuyo yonke imiqhudelwano.
Yize iSundowns kuyiyona ebiphezulu ngomdlalo ngesiwombe sokuqala, yaphinda yathola namathuba amaningi okubhakuzisa inethi kodwa ngesiwombe sesibili AmaZulu akhombise ukuba ngcono kakhulu akwazi nokuthola amathuba okubhakuzisa inethi.
ISundowns idlale ingxenye enkulu yesiwombe sesibili ingasaphelele kulandela ukuthola ikhadi elibomvu kukanozinti, uRonwen Williams. Lokhu kuphoqe ukuthi yenze izinguquko, kukhishwa u-Aubrey Modiba ukuze kungene unozinti uDenis Onyango.
Umgadli weSundowns, uRibeiro Costa obewuhlupho ezitobheni zaMaZulu nguyena obekufanele ashayele leli qembu lasePitoli igoli lokunqoba kulo mdlalo njengoba ethole inqwaba yamathuba okubhakuzisa inethi kodwa wahluleka. Ugcine ekhishiwe, endaweni yakhe kwangena uPeter Shalulile.
Kanti naMaZulu bekufanele alithole igoli ngesiwombe sesibili ngenkathi u-Ethan Brooks obesuka ebhentshini ehlulwa yithuba ngomzuzu ka-77.
Ngenkathi AmaZulu esezitshela ukuthi ahamba nalo iphuzu kulo mdlalo, kubhede ekugcineni ngomzuzu ka-90, uRayners evalela phakathi ifree kick kaTeboho Mokoena.
Ukwehluleka koSuthu ukuthola amaphuzu kulo mdlalo, kulushovela endaweni ka-14 kwi-log. Ngakolunye uhlangothi, amaSandawana iqhubekile nokuhlala esicongweni ngamaphuzu angu-27 emuva kwemidlalo engu-10. Ilandelwa yi-Orlando Pirates ngawu-24 emuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye kulandela ukubhudluza kwayo iMarumo Gallants ngo 8-1 e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesibili ntambama.