ISITOBHA seKaizer Chiefs, uDillan Solomons, sivikele umqeqeshi waso, uCavin Johnson ezinsolweni zokuphelelwa isithunzi saphika ukuba mapeketwane kwezinto ekhempini yabo.
Namuhla Amakhosi azobhekana neSuperSport United, koweDStv Premiership, ngo-5.30 ntambama, ePeter Mokaba Stadium. Aya kulo mdlalo isimo singesihle neze. Aseshaywe emidlalweni emithathu kulandelana. Kwemihlanu, adliwe kwemine, adlala ngokulingana kowodwa.
Kwi-log yeDStv Premiership, akleliswe kweyeshumi, ngamaphuzu awu-30, emidlalweni ewu-24.
Ngemuva kokuthi iChiefs ishaywe iRichards Bay kwegcine ukuwudlala, umqeqeshi wayo, uCavin Johnson, ucashunwe ethi ezindlini zokushintshela, kube nokungaboni ngaso linye kubadlali bekha yokulahla kwabo amathuba okushaya amagoli.
NgoMashi, iChiefs yaba wundabamlonyeni ngemuva kokushaywa omkhaya bayo, i-Orlando Pirates, eFNB Stadium. Maphakathi nalo mdlalo kwakubonakala unozinti, uBrandon Peterson, owayehleli ebhentshini, esukuma kuhle komqeqeshi, enika ozakwabo imiyalelo.
Sewuphelile umdlalo, lo nozinti waphinde wabonakala kungathi uthethisa uJohnson phambi kwezinkumbi zabalandeli. USolomons ebuzwa ngengxabano ebikwe umqeqeshi wabo ngemuva koweBay, uvele washona ezintangeni.
"Namanje isimo sihle kakhulu ekhempini. Sonke sinalo ilungelo lokubeka imibono yethu. Wonke umuntu ulwela ukuthi zilunge izinto. Kuzohlale kukhona ukwenyuka kwemizwa. Uma ungenawo umbono omunye uzoba nawo. Kumele ukwamukele okutshelwa ngabadlali abadala. Impilo yebhola leyo. Sonke sizama ukuthola isixazululo. Ngethemba ukuthi lokhu kubambisana kwethu kuzosisiza emdlalweni wangoMgqibelo," kubeka uSolomons kwabezindaba ngoLwesine.
Lesi sitobha esiyibamba emuva kwesokudla, sithe akukona ukwedelela umqeqeshi uma benikeza ozakwabo imiyalelo. Naso sithe siyakwenza lokhu.
"Ebhentshini kunabadlali abahlale befuna ukunika abanye ulwazi. Kubukeka sengathi abantu sebesibiza ngabaqeqeshi. Akunjalo, sisuke sizama ukusiza. Uma ungafuni ukusiza omunye umuntu kanti yini umsebenzi wakho? Ngeke uhlale ebhentshini bese uyathula. Angilona lolo hlobo, ngiwumuntu ozikhulumelayo. Ngihlale ngifuna ukusiza. Kungabukeka ngenye indlela, umqeqeshi sizohlale simethemba, siyazi ukuthi ufunani kithina," kubeka uSolomons.
Ngalokhu kubhacaza sekusolwe kakhulu abagadli beChiefs ngokuyeka amathuba.
“Asidlali kabi ngaleyo ndlela. Ngokwami senza kahle. Inkinga ukuthi asiwasebenzisi amathuba ngendlela. Lelo iphutha lawo wonke umuntu. Akulona elabagadli bodwa. Nabanye kumele baphakele abagadli amabhola. Noma ubani angalishaya igoli nge-free kick noma ikhona.”
Omunye umdlali weChiefs okhulume nabezindaba, uSiyethemba Sithebe. Uthe njengomuntu okhule elandela Amakhosi, kumphatha kabi ukufika kuyo izinto zingahambi kahle.
"Bekuhlale kuyiphupho lami ukudlalela iChiefs. Ngiyijoyine ngoba ngifuna ukuwina izinkomishi. Kumele ngikuqonde ukuthi isikhathi asikafiki. Ngelinye ilanga zizoshintsha izinto," kubeka uSithebe othe akakubekile emqondweni ukuphelelwa inkontileka ekupheleni kukaJuni.
Isimo asisihle nakwiSupeSport United. Sekuphele eyisishiyagalolunye yagcina ukunqoba.
Unozinti wayo, uWashington Arubi, uthe: “Ngesikhathi kuqala isizini besifisa ukunqoba izinkomishi ezimibili noma ezintathu. Okuhle ukuthi sisenalo ithuba lokuqeda endaweni yesibili noma kweyesithathu. Sifuna ukudlala kweyeCaf. NgoMgqibelo sizozijika izinto, sidinga amaphuzu amathathu.”
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-3pm: AmaZulu v Chippa United (Moses Mabhida Stadium).
Ngo-5.30pm: Kaizer Chiefs v SuperSport United (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-8pm: Stellenbosch v Polokwane City (Danie Craven Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Royal AM v Orlando Pirates (Harry Gwala Stadium).
Ngo-5.30pm: Cape Town City v Golden Arrows (DHL Cape Town Stadium).