UMDLALI wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uSiyethemba Sithebe, kubukeka ebhekene nenselelo yokubhukula akhombise ukuthi kungani kufanele leli qembu limgcine ekupheleni kwesizini.
Lokhu kufakazelwa yinkulumo yomqeqeshi waleli qembu, uCavin Johnson, ngemuva kokubuya kwakhe engadlali isikhathi eside, lapho encome khona lo mdlali ngokwenza kahle emdlalweni waleli qembu neCape Town City okwaphela zibambene ngo 0-0.
UJohson ngenkathi ekhuluma nezintatheli ngemuva kwalowo mdlalo, wakubeka kwacaca ukuthi akazi ukuthi kungani lo mdlali ebengadlaliswa (ngaphambi kokufika kwakhe uJohnson). Wathi selokhu efikile eqenjini ubonile ukuthi lo mdlali kade ayelilindile ithuba okuyingakho ayemncoma ngokudlala kahle kwakhe.
USithebe (31), ojoyine iChiefs ngesizini edlule, kubukeka engakafiki kuleli zinga elalilindeleke kuyena ngenkathi efika kuleli qembu laseNaturena esuka kuMaZulu FC lapho ayeyisethenjwa khona esiswini saleli qembu laseMbelebeleni.
Udlale umdlalo owodwa kuphela ekuqaleni kwesizini ngo-Agasti nyakenye iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership, waphuma elimele. Ngemuva kokululama waphinda walimala ejimini, ngaleyo ndlela wabe esezithola ebuka ibhola nezihlwele isikhathi eside ngaphambi kokuba abuye esikimini esiqala umdlalo iChiefs ibhekene neCape Town City. Wabe esedlala kweminye emibili elandelayo yakamuva neStellenbosch FC neChippa United ngempelasonto behlulwa ngo 2-0 kowePremiership.
Kule midlalo emithathu yakamuva uSithebe, obesenesikhathi eside engadlali, udlale kangcono.
USipho Khuse, owayengumdlali weChiefs eminyakeni edlule, naye ukholwa wukuthi uSithebe kufanele anikwe ithuba.
“USithebe ungumdlali ofanele ukudlalela iChiefs. Ungumdlali osebenzayo nozinikelayo engikholwa wukuthi kukhona asengakwenzela iqembu.
Uma ubheka uhlale isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala kodwa kule midlalo emithathu yakamuva ubonisile ukuthi kukhona asengakwenzela iqembu uma nje enganikwa ithuba,” kusho uKhuse owadlala kwiChiefs maphakathi neminyaka yo-1990.
“Isizini edlule bekuyisizini yakhe yokuqala edlala kwiChiefs nobekuvele kuzomthatha isikhashana ukuthi ajwayele ngokushesha usiko mpilo lweqembu ngakho-ke isizini yakhe yesibili yiyona ebizomnika ithuba elikahle kwase kuba akalitholi-ke ithuba lokudlala.
Yingakho-ke ngikholwa wukuthi kufanele anikwe elinye ithuba ngoba useyaluqonda kangcono usikompilo lweqembu futhi ungumdlali onamava ebholeni.
Ngikholwa wukuthi angakwazi ukudlala noCastillo (Edson) uma nje benganikwa ithuba badlale ndawonye esiswini, kukhona into abangeza nayo. Kodwa konke lokho kulele kubaphathi beqembu nethimba labaqeqeshi ngesizini ezayo.”
Kuke kwasabalala amahlebezi okuthi iChiefs ingase imbolekise uSithebe njengoba inkontileka yakhe iphela ngoJuni. Amanye amahlebezi ebemkhomba ekubuyeleni eqenjini lakhe elidala, AmaZulu.
Kule midlalo eyisikhombisa esele nakanjani lo mdlali unenselelo yokugeza igilo abaphathi baleli qembu ngokuthi angene ohlwini lwabadlali okuvuselelwa izinkontileka zabo eziphelayo ekupheleni kwale sizini.
Amakhosi asempini yokuqeda isizini ekwiTop 8, azobuyela ensimini ngokubheka neRichards Bay FC ngo-Ephreli 20 eKing Zwelithini Stadium eMlaza.