OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates, uTlou Segolela, uncoma amagalelo omqeqeshi waleli qembu, uJose Riveiro, owenze obesekuhlule abaningi kumasizini edlule, enqoba izindebe ezimbili ngesizini yakhe yokuqala kwiDStv Premiership.
URiveiro waseSpain, ofike eMzansi ebukelwa phansi ngenxa yokungazelwa lutho ebholeni lomhlaba, uvule isizini ka-2022/2023 ngeMTN 8, wayivala ngeyeNedbank Cup. Ngaphezu kwalokho, iPirates izibekisele indawo emqhudelwaneni iCaf Champions League ngokuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership.
USegolela owayeyintandokazi yabalandeli beZimnyama esadlala kuzona eminyakeni edlule, uthe kukhulu okuhle okufike noRiveiro.
Useyimenenja eqenjini iPlatinum City Rovers elidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
"Ungumqeqeshi ongagudluki entweni akholelwa kuyona. Uyabona ukuthi abadlali bayamthanda futhi uyezwana nabo. Abadlali bayamlalela, bayafuna ukumdlalela futhi bazimisele ukwenza noma yini. Uma uzuze lokho eqenjini, izinto ziba lula kuwena. Ukufika kwakhe eMzansi awine izindebe ezimbili, aqede endaweni yesibili kwi-log, yinto enkulu," kusho uSegolela.
"Yebo, abantu bengathi usale ngamaphuzu angu-16 kwiSundowns kodwa kuyena njengomqeqeshi omusha ukufika wenze lokhu, kufanele kukutshele ukuthi kukhona akwenzayo.
“Okufanele bakwenze kuJose wukukholelwa kuyena, bameseke, balalelane ngoba akukho ngaye kuphela. Kungegama leqembu elakhiwe ngabantu eminyakeni edlule. Ngakho kufanele bakhombisane ukuthi izinto zenziwa kanjani, kuhlanganiswe nesitayela afike naso."
Emuva kokuwina iNedbank Cup, uRiveiro ukuchithile ukuthi impumelelo yeZimnyama ingenxa yakhe. Wathi izalwe wukubambisaba kwezinhlaka ezihlukene eqenjini. Ngesizini ezayo, iPirates izodlala emqhudelwaneni eyisihlanu okuyiChampions League, MTN 8, Nedbank Cup, Carling Knockout Challenge, nePremiership. Lokho kusho umsebenzi ophindiwe kuRiveiro nethimba lakhe. USegolela uthe nakuba konke kuhamba kahle futhi nabadlali sebesibambile isitayela sikaRiveiro kodwa kusashoda phambili.
Ubekhuluma ngesikhathi ehambele imidlalo yokuhlunga kazwelonke ye-ABC Motsepe National Play-offs eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
"Inqubekela phambili iwukhiye. Kufanele aqinise iqembu ezindaweni ezithize azibonayo ukuthi ziyaxega. Ngikhathazekile ngabagadli, ababukhali ngendlela efanele. U(Terrence) Dzvukamanja uyaqhamuka ngezikhathi ezithize, (Monnapule) uSaleng naye uyaqhamuka ashaye amagoli. Kodwa baphi abagadli abazohola iqembu phambili?
Kuhle ukuthi abanye abadlali baphambili bayawashaya amagoli kodwa nabadlali basemuva kufanele bawashaye amagoli. Bonke abadlali enkundleni kufanele bawashaye amagoli. Lokho kukunika ithuba lokuwina imidlalo," kusho uSegolela.