ISIPHEKEPHEKE somdlali we-Orlando Pirates, uMonnapule Saleng, sibhoboka ngokushwetshwa ithuba lokudlalela iKaizer Chiefs okuyilona iqembu esithi sikhule singumlandeli walo wokuqina.
USaleng (24) osezakhele ugazi ebholeni lakuleli ngokuqonda izitobha ngomjiko nokushaya amagoli amqoka kwiPirates, ungomunye wabadlali ababizelwe eqenjini lesizwe iBafana Bafana elizodlala eyobungani kuleli sonto.
Ngesikhathi esadlalela iFree State Stars eminyakeni edlule, kunesikhathi lapho ebazi khona ukuthi usendleleni ebheke kwiChiefs (akhule engumlandeli wayo) kodwa kwagcina kungenzekanga wazithola esesemabhukwini ezimbangi ezinkulu zaMakhosi, iPiratres.
Lo mdlali ukuveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa), izolo ekuseni, esekhempini yaleli qembu elungisela umdlalo wobungani neMozambique okusasa ngo-8.30 ebusuku, eMbombela Stadium.
“Akuyona into elula ukubhekana neChiefs uma ukhule ungumlandeli wayo kodwa-ke ebholeni kunezinto zakhona ezenzeka ngendlela yakhona,” kusho uSaleng.
“Eqinisweni kufanele ngabe ngidlalela iChiefs ngoba ngisadlala kwiFree State Stars kunenhloli yekhono abebeyithumele ukuba izongibukela eduze.
“Eqinisweni anginalo ulwazi oluphelele ukuthi kwenzekani njengoba ngigcine ngingasayinanga kwiChiefs kodwa kusobala ukuthi bekufanele ngigcine kwiPirates.
“Angazi noma iyona iChiefs ethathe isikhathi ukucacisa ngokungifuna kwayo kodwa iqiniso ukuthi bengazi ukuthi ngiya kwiChiefs uma ngisuka kwiFree State kodwa ngagcina ngidlalela iPirates” kuqhuba yena.
Yize eyisitha ezitobheni eziningi kulezi zinsuku, uSaleng uthe wamukelwe kahle ekhempini yelesizwe futhi wonke umuntu ukhombisa izimpawu zokumjabulela.
“Sonke esikhona ekhempini sizele ukuzomela izwe lethu futhi sonke siyaqonda ukuthi sinenhlanhla kangakanani ukukhethwa ngakho wonke umuntu ujabule.
“Bayangincoma abaningi futhi bayangikhuthaza ukuthi lokhu ebengikwenza kwiPirates kumele ngiqhubeke nokukwenza ukuze ngizohlale ngibizwa kwiBafana,” kulandisa lo mdlali.
Unesifiso sokubizwa njalo kuleli qembu lesizwe uSaleng kanti akagcinile kwiPirates, usenawo amaphupho.
“Isifiso sami esikhulu ukuyodlalela iqembu laphesheya kwezilwandle. Lesi sifiso yisona esizokwenza ukuthi ngingashiywa ngaphandle njalo eqenjini lesizwe,” kusho uSaleng.
Ngemuva kokugqama kwiFree State Stars, uSaleng usayine kwiPirates kodwa yambolekisa kwiSwallows FC.
“Yize bengazi ukuthi ngikulungele ukudlala kwiPirates kodwa ngigcine ngiqonda ukuthi bekusekuningi obekusafanele ngikufunde ukuze ngizobuya (kwiPirates) sengivuthwe ngokwanele,” kuphetha lo mdlali.