ISILOMO se-Orlando Pirates, URelebohile Mofokeng, sihluleka nawukuchaza ukuthi silishaye kanjani igoli elingcwabe iMamelodi Sundowns kowamanqamu eNedbank Cup.
Abalandeli beZimnyama bayisonge ngesitayela impelasonto edlule iqembu labo livikela le nkomishi ngokwehlula iSundowns ngo 2-1 kowamanqamu obuseMbombela Stadium eMpumalanga, ngoMgqibelo ntambama.
AmaBrazilian iwona ayibhakuzise kuqala inethi ngonyawo lukaThemba "Mshishi" Zwane kusanda kubuywa esiwombeni sesibili.
AweZimnyama kube iphenathi eshaywe uPatrick Masangwanyi nelakhe uMofokeng alishaye ngemizuzu yokugcina. Uthole iphasi enhle kuMonnapule Saleng obeqhamuka ngakwesokunxele, wabe esephenduka noBongani Zungu ebhokisini, wase elinamathisela enethini wasala enkemile uRonwen Williams.
Kuzokhumbuleka ukuthi nangesizini edlule, lesi sicoco besithathwe iyona iPirates ishaya iSekhukhune United.
Umdlalo wangempelasonto bewuthathwa njengowamagqubu. Ngo-Okthoba wanyakenye, eZimnyama eziqeqeshwa uJose Riveiro, zaqumba phansi iSundowns kowamanqamu eMTN8.
Kubukeka uMofokeng (19) egidelwe yidlozi kulezi zinsuku. Usanda kuqokelwe eqenjini lesizwe elizobhekana neNigeria neZimbabwe kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2026.
Ezinyangeni ezedlule, kusanda kucashunwa nomqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos, ebabaza ithalente likaMofokeng.
Ngemuva kokuweza iPirates, lesi sikhwishikhwishi sitshele abezindaba ukuthi kuyasijabulisa ukuthi sifike kwezwakala eqenjini elikhulu anyuselwe kulona ngesizini edlule kade edlala kwiDStv Diski Challenge.
Ebuzwa uMofokeng ngokushaya leli goli, uvele wahleka, wathi kube umusa kaNkulunkulu.
"Ukukutshela iqiniso nami angazi ukuthi ngilishaye kanjani leli goli. Kube inhlanhla nomusa kaNkulunkulu. Kube yinto ebengingayihlelile. Umnikazi wamandla onke ube nami. Ingijabulisile indlela engidlale ngayo. Lo umphumela wokusebenza ngokuzikhandla," kubeka uMofokeng.
Ubonge umqeqeshi wakhe ngokuhlale emgqugquzela.
Uqhube wathi: "Ngaso sonke isikhathi umqeqeshi uhlale engitshela ukuthi ngidlale kanjani. Ungitshela ngokumele ngokwenze nokumele ngikugweme. Okunye okungisizayo ukuthi ngibuye ngiziqeqeshe ngedwa. Bayangidida abantu uma bemangazwa iminyaka yami. Iminyaka ayisho lutho. Njengoba ngishilo, kuya ngokuthi uzikhandla kanjani.“
Nyakenye, uMofokeng uthole ithuba lokuyohlolwa iWolverhampton Wanderers edlala kwi-English Premiership. Imenenja yakhe, uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Group, isanda kutshela leli phephandaba ukuthi uhlela ukuthi njengoba kuvalwe isizini amtholele iqembu laphesheya azozama inhlanhla kulo. Ebuzwa ngekusasa lakhe uMofokeng, evele wafa insini. "Angazi. Konke kuzolala kusihlalo wami.“
Uphinde waphawula ngokufaniswa kwendlela adlala ngayo neyaJomo Sono.
"Abantu bahlale bekusho lokho. Nami sengize ngakholwa ukuthi ngidlala njengaye," kubeka uMofokeng.