ISILOMO somgadli wasePortugal, uCristiano “CR7” Ronaldo, sesibhobokile ngemuva kokubonakala sikhihla isililo kulandela ukukhishwa yiMorocco kuma-quarterfinal eNdebe yoMhlaba eQatar.
IPortugal iwashiswe ijezi ngo 1-0 yi-Atlas Lions ngoMgqibelo e-Al Thumama Stadium, eDoha eQatar.
Ukuhlulwa kwayo kusho ukushabalala kwephupho leminyaka likaRonaldo (37) lokuphakamisa isicoco seNdebe yoMhlaba. Lo mdlali okuqale imidlalo yeNdebe yoMhlaba esematheni emva kokuhlukana kabi neManchester United, akazange awuqale umdlalo weMorocco
Ungene esiwombeni sesibili iqembu selivele lilandela ngemuva. Bekuwumdlalo wesibili kulo mqhudelwano engawuqali njengoba nakowe-Last 16 wangena esiwombeni sesibili, iPortugal isivele isiwuqedile umsebenzi njengoba yanqoba iSwitzerland ngo 6-1.
Ngemuva komdlalo weMorocco, uCR7 akazange abalinde ngisho ozakwabo ukuthi aduduzane nabo, umane waqonda egunjini lokushintshela, ekhihla isililo.
NgeSonto ntambama lo mdlali ongenaqembu njengamanje, ukhiphe isitatimende evuma ukuthi kuphelile ngephupho lakhe leminyaka lokuba ngumpetha womhlaba.
“Ukuwina iNdebe yoMhlaba nePortugal bekuyiphupho lami elikhulu ebholeni. Ngenhlanhla ziningi ezinye izicoco ezinkulu engizinqobile nePortugal kodwa ukubeka igama lezwe lami esicongweni somhlaba, bekuyilona iphupho lami elikhulu. Ngililwele, ngililwele kanzima. Ngidlale izikhawu ezinhlanu (kwiNdebe yoMhlaba), ngashaya amagoli kule minyaka ewu-16, ngimi ndawonye nabadlali abasezingeni eliphezulu, sisekwe yizigidi zabalandeli bePortugal. Ngizinikele ngakho konke,” kusho uRonaldo embhalweni awufake ekhasini lakhe le-Instagram.
Uqhube wathi: “Ngifuna nazi ukuthi kuningi osekushiwo nosekubhaliwe, nosekuqagelilwe kodwa ukuzinikela kwami kwiPortugal akukaze kushintshe nakancane. Akukho okuningi engisengakusho okwamanje. Ngiyabonga Portugal. Ngiyabonga Qatar, iphupho belilihle ngesikhathi lisekhona.”
Umnyakazo osubhekiwe manje ngowokuthi uRonaldo uzothatha siphi isinqumo ngekusasa lakhe ebholeni njengoba engenalo iqembu alidlalelayo.