UJOSE Riveiro umqeqeshi we-Orlando Pirates ukuqonda kahle ukuthi ukuba nerekhodi elihle ekuqoqeni izinkomishi kwenza abalandeli babo balindele ukuthi bafinyelele noma kanjani kowamanqamu eMTN8.
URiveiro waseSpain okunasebembiza ngendlondlo yezinkomishi, uqhubekile nokuzakhela igama elihle, ezakhe zibhaxabula iSuperSport United ngo 3-1 kowama-quarterfinal eMTN8 obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
Selokhu ethelekile eNingizimu Afrika useyinqobe kabili kulandelana le nkomishi ngo-2022 nango-2023. Kulokhu intshontsho kozoba umpetha lizobe lingu-R10 million lisuka ku-R8 million.
NeNedbank Cup uyithathe kabili kulandelana. Usahlulwa iligi neCarling Black Label Knockout. Esithangamini sabezindaba ngemuva kokwehlula i-United, lo mqeqeshi ubelokhu ebancome njalo abadlali bakhe.
"Angiqondile ukuchoma kodwa sisemgqigqweni omuhle wokwenza noma yini enhle. Sishaya ngabadlali bezinga eliphezulu kuzo zonke izindawo. Nakuba kungehlanga kahle kumina ukuqala isizini ngomdlalo womkhumulajezi kodwa oweSuperSport usitshengisile ukuthi sizoqala eyeligi sikuliphi izinga," kubeka uRiveiro.
Uqhube wathi: “Nakuba ngijabule ngendlela abafana bami abawufake ngayo umfutho kodwa lingiphathe kabi ibhola esilidlale emizuzwini eyishumi kuya kwewu-12 yokuqala. Besilahla ibhola kalula, sinika iSuperSport amakhona nama-free kick angenasidingo. Angiyithandanga le ndlela esiwuqale ngayo umdlalo. Ngabe asiyi emidlalweni eyandulela eyamanqamu ukube asibanga nenhlanhla. Kuzomele sihlale phansi, sibheke ukuthi yini edale lesi simo.”
URiveiro uthe usekhathele ukuphendula ukuthi yini imfihlo yokwenza kahle kwakhe emidlalweni yezinkomishi.
"Ngifisa ukube ngiyayazi nami le mfihlo. Ngicabanga ukuthi inhlanganisela yezinto eziningi. Ngifisa ukube ngabe abadlali bami badlala kanjena noma silwela amaphuzu amathathu emidlalweni yeligi. Sesinengcindezi emidlalweni yezinkomishi zakuleli. Ukwenza kahle kwethu kwenza abantu balindele ukuthi sifike noma kanjani kweyamanqamu eMTN8. Sinengcindezi yokwenza kahle nasemidlalweni yamaqoqo eChampions League. Ngesizini edlule akusihambelanga kahle. Nakwiligi sizolwa kuze kube sekugcineni. Kumele sithole indlela ezokwenza abadlali bethu bahlale bejabule," kuqhuba lo mqeqeshi okhale ngokuba mazombezombe kwe-Orlando Stadium.
Ubonge abalandeli beZimnyama ngokuphuma ngobuningi babo.
"Kube mnandi ukudlalela owokuqala ekhaya. Ingimangazile indlela abalandeli bethu abebephume ngayo. Lokhu kutshengisa ukuthi kule sizini abalandeli bethu balindele lukhulu kithina. Ngenxa yabo angizange ngiyizwe ingcindezi ngesikhathi iSuperSport ishaya elokulinganisa. Bebehlale benathi. Lokhu kuhle kakhulu kubadlali abasenokhakhayi olumanzi,“ kuphetha uRiveiro.