UVUMILE ukuthi iqembu lakhe lidinge ukuqina ukuze limelane namandla eMamelodi Sundowns emdlalweni wabo weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
Lo mdlalo obuseLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, uphele zibambene ngo 1-1 kanti womabili amagoli angene esiwombeni sesibili. AmaBrazilians ahambe phambili ngegoli likaMarcelo Allende ngomzuzu ka-76 kodwa iPirates yasheshe yalithola elokulinganisa ngephenathi evalelwe nguTapelo Xoki.
AmaBhakabhaka aqede umdlalo engasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu komdlali wasesiswini, uMiguel Timm, ngomzuzu ka-54. Kulo mdlalo bekugqame ukuthi womabili la maqembu abenganikani isikhathi esiningi ebholeni.
“Ngeke uzame ukuqhudelana naleli qembu (iSundowns) uma ungaqinile. Angifuni ukuthi udinga ukuba nolaka kodwa kufanele ube sezingeni elifanayo nabo. ISundowns ingenelwe ngamagoli amathathu kuphela emidlalweni engu-14 yeligi. Ngeke ukwenze lokho ngokuba nomusa enkundleni,” kusho uRiveiro.
“Akusho lutho ukuthi bajwayele ukuphatha ibhola isikhathi esiningi kodwa iqiniso wukuthi iSundowns imaka kahle kakhulu. Abantu bajwayele ukukhuluma ngobukhali bayo uma ihlasela kodwa futhi yinhle kakhulu nangasekumakeni.
“Akulula ukubanga ibhola nabadlali beSundowns uma ungahambi ngesivinini esifanayo nangenhloso efanayo. Kungadingeka ukuthi ukhohlwe ngokuqhudelana nabo. Ibhola liwumdlalo okuthintwana kuwona, akusho ukuthi njalo uma abadlali bethintene sekukhona okumele ajeziswe. Uma ufuna ukuqhudelana ngempela nalaba badlali kumele okungenani udlale ezingeni elifana nelabo.”
Lo mphumela ushiye iSundowns esicongweni ngamaphuzu angu-39 emidlalweni engu-15 nakuba isidlale ngokulingana kwemithathu yeligi ilandelana. IPirates isiqoqe amaphuzu angu-26 emidlalweni engu-17. Womabili la maqembu asezogxila emidlalweni ye-Last 32 yeNedbank Cup ezoqala kusasa ebusuku.
“Igebe phakathi kwethu neqembu eliqhwakele likhulu kodwa kumele siqhubeke. Kufanele sizame futhi silwe kuyo yonke imidlalo yeligi. Sifuna ukubuyela emiqhudelwaneni yeCaf, akuxoxisi lokho,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Kuyasigqugquzela ukuthi sizodlala komunye umqhudelwano womkhumulajezi futhi yithina esivikela isicoco. Lona umncintiswano engiwuthandayo. Sizozimisela kuyona yonke imidlalo ngoba ngesizini edlule sidlalile namaqembu afana neDondol Stars neFC All Stars. Kuhlale kunzima ukudlala namaqembu onolwazi oluncane ngawo,” kuphetha yena.
EZimnyama akukacaci ukuthi zizodlala naliphi iqembu kwazise alikapheli icala eliphakathi kwamaqembu aseMpumalanga adlala esigabeni esiphansi okuyisona isifundazwe okufanele sikhiphe imbangi yazo.