UBUTSETSE bezinkundla zokulungisela imidlalo nemifaniswano yeqophelo eliphezulu, iwona kuphela umehluko osaqashelwe uJose Riveiro, opheka i-Orlando Pirates, awubona phakathi kweDStv Premiership, Motsepe Foundation Championship ne-ABC Motsepe League okungamaligi ahlanganiswe kwiNedbank Cup.
URiveiro obesesithangamini nabezindaba ngoLwesine, uthe lokhu ukusho njengomqeqeshi ongeyena umsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika.
Ngokusho kwalo mqeqeshi, izinga labadlali abazalwa eNingizimu Afrika ngokwethalente phakathi kweligi enkulu nalawa amabili angaphansi kwayo lifana ncamashi.
URiveiro okunguyena ovikela iNedbank, uthe ubufakazi balokhu busemlandweni wemiphumela eshiye abalandeli bakanobhutshuzwayo bekhexile kulo mqhudelwano eminyakeni edlule.
Kusukela kudala kujwayele ukuthi ngesizini, kubekhona okungenani noma owodwa umphumela weNedbank oshiya abalandeli bakanobhutshuzwayo kuleli benikina amakhanda ngoba ungakholakali.
Kungenxa yalesi sizathu, uRiveiro ewuthatha njengeminye yemidlalo yesigaba esikhulu owabo we-Last 32 yeNedbank neCrystal Lake FC ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eMbombela Stadium, eNelspruit. ICrystal Lake idlala kuSafa Mpumalanga ABC Motsepe League.
“Ngeke siyithathe kancane iCrystal Lake ngoba umlando walo mqhudelwano udweba isithombe sokuthi izinga phakathi kwamaqembu aseNingizimu Afrika lisesigabeni esifanayo ngokwabadlali yize zona (izigaba) zihlukene,” kusho uRiveiro.
“Ngokwabadlali, iNingizimu Afrika iphiwe ngendlela emangalisyao. Lokhu ngiyakwazi ngoba sekunesikhathi ngisebenza kuleli.
“Ngenxa yalokhu kukodwa, sibheke ukudlala kangcono kunalokhu esikwenze sibhekene neSundowns (Mamelodi) koweligi uma sesibhekene neCrystal Lake.
“Inhloso ukubabamba ngobhongwane zisuka uma kwenzeka bese siwenza umdlalo usheshe kakhulu kunalokhu abakujwayele.
“Ilokhu kuphela esingakwenza kusisize ngoba uma ubaqondanisa ngayedwana umdlali ngamunye uzothola ukuthi bayafana.
“Umehluko izinga lezinsiza-kusebenza njengezinkundla zokucijela imidlalo nemifaniswano okuhlukanisa lezi zigaba nemali-ke kodwa ngokwabadlali into efanayo,” kuqhuba uRiveiro.
Akazange aphumele obala ngokuthi isikimu uzosishintsha yini kwabesisebenzise koweSundowns.
“Uma kunezinguquko esikimini ingoba zizobe zidingeka ngokwahlukana kwezizathu kodwa hhayi ngoba kunikwa wonke umuntu ithuba ngoba kuyiCrystal Lake esidlala nayo.
“UMiguel (Timm) ngeke adlale ngenxa yesigwebo sekhadi elibomvu ngakho-ke kufanele kubekhona ozovala isikhala sakhe.
“Nakwezinye izindawo sinabadlali abaningi abangalitholi ijezi kodwa nabo uma bedlala kuzobe kungekhona ukubukela phansi iCrystal Lake kodwa kuzobe kuwukubanika ithuba elibafanele,” kuphetha uRiveiro.