USEBHEKE ukuthi bazithobe amanxeba ngokubuya namaphuzu amathathu kumnyama kubomvu emdlalweni olandelayo weBetway Premiership, uJose Riveiro, ngemuva kokuwasha ijezi ekuseni kwiCarling Knockout ngempelasonto.
IPirates ebibuya ekubhiyozeleni ukunqoba isicoco seMTN8 okwesithathu kulandelana, akuyihambelanga kahle kulo mqhudelwano njengoba isisheshe yaphuma kuwona. Iguqe ngo 3-2 emdlalweni weLast 16 obuphambi kwabalandeli bayo, e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.
EZimnyama azikahlulwa kwiligi emidlalweni emithathu eziyonqobe yonke, kusasa zizokwamukela iSuperSport United ngo-7.30 ebusuku, khona e-Orlando Stadium.
Ekhuluma nabezindaba, uRiveiro uthe kubuhlungu ukuthi basheshe baphuma kulo mqhudelwano kodwa okusemqoka wukuvuka bazithathe.
“Ukuhlulwa kunzima kithina sonke. Ukuya ekhefini silandela ngo 3-0 akumnandi kodwa sikwazile ukulwa ngendlela ehloniphekile. Nokho okusobala wukuthi akuwona umuzwa omnandi nokuthi kwenzeke (ukuhlulwa) ekhaya. Kumele sikwamukele ngokukhulu ukushesha, siyadlala ngoLwesibili (kusasa). ISuperSport iyeza. Kumele sithole amaphuzu amathathu noma ingayiphi indlela,” kusho uRiveiro kwabezindaba ngemuva komdlalo.
Kulo mdlalo weligi kuzobe kuhlangene amaqembu asazikhotha amanxeba njengoba naMatsatsantsa a Pitori, kungawambelanga kahle kwiCarling. Athole isimbambamba sika 4-0 kwiKaizer Chiefs, ePeter Mokaba Stadium ngawo uMgqibelo.
Emdlalweni wangempelasonto, uRiveiro wenze izinguquko eqenjini elanqoba isicoco seMTN8 emasontweni edlule.
Zithe ziya ekhefini zabe sezilandela ngemuva ngo 3-0 eZimnyama, iMagesi ihamba phambili ngamagoli kaDelano Abrahams, elikaThabiso Sesane alishaye ngakubo, nephenathi ka-Edmore Chirambadare.
Nokho AmaBhakabhaka abuye ekhefini engasagayelwa mphako, ephungwa ngezithebe emapalini eMagesi. Ukube wonke amathuba amagoli awasebenzisile ngabe kukhulunywa okunye.
Kuwona kugcine kungene enethini elikaKabelo Dlamini nelika-Evidence Makgopa.
URiveiro uthe ukushintsha kwakhe isikwati akusisona isizathu sokuhlulwa kwabo.
“Sinesikwati esikhulu futhi esinethalente. Sonke kumele sikubeke kithina ukuthi asidlulelanga emzuliswaneni olandelayo. Umqeqeshi abadlali, abadala ikakhulukazi. Kumele sikwamukele sonke lokho. Bekuyisimo esifanayo emasontweni amabili edlule. Besijabule ndawonye. Kulo mphumela, uphoxa unjalo, kumele siwuthwale sonke, hhayi umuntu oyedwa noma amabili,” kusho uRiveiro.