KUZOMELE izibambele mathupha i-Orlando Pirates, uma isibhekene neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership, kusasa ngokusho komqeqeshi wayo, uJose Riveiro.
Amaqembu azodudulana ngo-5:45 ntambama, e-Orlando Stadium.
Amatsatsantsa a Pitori asendaweni yesibili ngamaphuzu angu-39 emidlalweni engu-22, iPirates ikweyesithathu ngamaphuzu angu-34 emidlalweni elinganayo.
Yize womabili amaqembu esele kakhulu kwiMamelodi Sundowns, ezihola phambili ngamaphuzu angu-59 emidlalweni engu-23, asasembangweni wokuqeda endaweni yesibili ehambisana nethikithi lokudlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
"Siyakujabulela ukubhekana neSuperSport ngoba sinethuba lokunciphisa igebe phakathi kwethu. Sizimisele ngokuphelele futhi sizongena siwulungele umdlalo," kusho uRiveiro, kwabezindaba.
“Imidlalo esizoyidlala izofana neyamanqamu, akukhathali ukuthi yiligi noma yiNedbank Cup. Yonke imidlalo esele imqoka kuwo wonke amaqembu, adlalela ukugwema ukugawulwa yizembe, adlalela ukuqeda endaweni engcono nalawa alwela ukudlala e-Afrika, ngesizini ezayo.
"Kubaluleke kakhulu ukuthi iPirates ibe sendaweni ezoyifaka emqhudelwaneno weCaf ekupheleni kwesizini. Maningi amaqembu anenhloso efana neyethu kanti iSuperSport iyona ehamba phambili njengamanje.
"Leli yithuba lokuthatha amaphuzu amathathu futhi sibavimbe ukuthi bathole okuthile. Uma singadlali nabo siyalinda ukuthi balahle amaphuzu kodwa kulokhu singakwazi ukuzenzela singabibikho isidingo sokuthi sibheke emafonini ethu ukuthi badlale kanjani.
“Noma kungenzekani kulo mdlalo kusazodlalwa eminye. Ngeke unqume lutho kodwa uzoba nomthelela ekutheni sizoqeda kuphi ekupheleni kwesizini.”
Ngesizini edlule iSuperSport iwunqobile umdlalo wayo wasekhaya kwathi Ezimnyama nazo zanqoba enkundleni yazo. Ngesikhathi behlangana koweligi eLucas Moripe Stadium ekuqaleni kwesizini umdlalo uphele zibambene ngo 0-0 kodwa uRiveiro ulindele okwehlukile kusasa.
“Umdlalo wokuqala neSuperSport udlalwe ngo-Agasti. Sekudlule isikhathi eside futhi womabili amaqembu aseshintshile,” usho kanje.
“ISuperSport ivamise ukudlala isitayela esifanayo kodwa yithuba elikhulu kuwona womabili amaqembu ngakho angilindele ukuthi bahlale emuva ngoba nabo banethuba lokukhulisa igebe.
“Kuzomele benze okunye yize beyiqembu elihlelekile, elikwazi nokuhlasela ngokushesha lingene ebhokisini futhi elinabadlali abasezingeni eliphezulu phambili. Ngicabanga ukuthi kuzoba wumdlalo omnandi, ngiyethemba kuzoba wumdlalo onohlonze. Sizozama ukwehlisa amandla abo kodwa ngibona kuzohluka uma kuqhathaniswa nomdlalo wokuqala.
"Sobabili siseduze nezinhloso zethu, nokuzoba nomthelela ngesikhathi somdlalo. Kowokuqala womabili amaqembu abesazama ukuthola izitayela zawo. UGavin (Hunt) ungumqeqeshi onamava, bayayazi into abayenzayo futhi iyabasebenzela.”
ISuperSport ayikawunqobi umdlalo weligi e-Orlando Stadium, kusukela ngoJanuwari ka-2014.