KUMHLABE umxhwele umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukuthi iqembu lakhe liwuvale zisuka uphawini wembedumehlwana ngesikhathi lilobola ama-amesha iCrystal Lake FC ngembudlu ka 6-0 emdlalweni we-Last 32 yeNedbank Cup ngoMgqibelo eMbombela Stadium, eNelspruit.
Le wini inqamule umgqigqo wePirates wokungawini emidlalweni emithathu ilandelana kanti kuyona yonke ingenelwe igoli okungazange kwenzeke eMbombela.
Kumjabulisile lokhu uRiveiro yize ekholelwa ekutheni iqembu lakhe belingashaya amagoli angaphezulu kwayisithupha, eligcine linqobe ngawo kwiCrystal Lake yaseMpumalanga, engakawuqedi unyaka ibunjiwe.
“Ngeke kwaphikwa ukuthi igebe phakathi kwethu neCrystal Lake likhulu uma usiqhathanisa kodwa ngihlabeke umxhwele ngendlela esiwuqale ngayo umdlalo,” kusho uRiveiro kwabezindaba.
Zithe ziya ekhefini, iPirates ibisivele ihamba phambili ngo 4-0. Iphinde yashaya amabili esiwombeni sesibili.
UThapelo Xoki, ushaye amagoli amabili kwathi amanye amane ashaywa, uPatrick Maswanganyi, Olisa Ndah, Tshegofatso Mabasa noRelebogile Mofokeng.
Eminyakeni edlule iPirates yake yaphenduka ihlaya ikhishwa kulo mqhudelwano ishaywa iMaluti FET, ngo 4-1 okuyiqembu elalidlala esigabeni seMotsepe League.
“Okungichaze kunakho konke indlela esiwuqale ngayo umdlalo ngoba asizange siwuvule nakancane uphawini wembedumehlwana okuyinto eyaziwa ngayo minyaka yonke iNedbank.
“Besiqine ngayo yonke indlela ongacabanga ngayo emuva okuyinto engijabulisile kodwa ukungangenelwa amagoli nendlela esiwahlohle ngayo (emathubeni esiwatholile) kungichazile.
“Kuliqiniso ukuthi besinethuba lokushaya amanye amagoli kodwa uma kubukeka sengathi izinto zihamba kahle kwesinye isikhathi kubanzima kubadlali ukuhlala ezinhlelweni zomqeqeshi.
“Amagoli amqoka ilawa esiwashayile ngoba iwona asifaka esigqokweni emzuliswaneni olandelayo okuyinto ebibaluleke kakhulu kithina kwazise ithina esivikela isicoco,” kusho umqeqeshi.
“Okunye okusemqoka ukukuqhakambisa, umsebenzi omuhle owenziwa ibona bonke abaqondene nokukhula kweCrystal Lake. Akekho owaziyo ukuthi lo mdlalo ububukwa ubani ngakho-ke kungenzeka kube nabadlali babo ababa nenhlanhla ngenxa yokwenzeke emdlalweni,” kuphetha lo mqeqeshi waseSpain.