UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi bahlose ukulungisa amaphutha abawenzile phambilini uma sebebhekene neStellenbosch FC emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu eMTN8 ngeSonto.
AmaBhakabhaka neStellies bazotholana phezulu okwesibili kule sizini uma sebedudulana e-Athlone Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.
Badlale okokuqala kowokuvula kwiDStv Premiership eDanie Craven Stadium ngo-Agasti 5, kwanqoba iStellies ngo 1-0 ngegoli lika-Antonio Van Wyk.
Kusukela kulowo mdlalo ezikaMagebhula aziyazi induku. Sezinqobe imidlalo emihlanu, zadlala ngokulingana kanye emiqhudelwaneni eyahlukene.
“Kuyiqiniso ukuthi asiwutholanga umphumela omuhle sidlala nabo emasontweni ambalwa edlule. Kuzwakala sengathi bekuyizinyanga eziyisithupha ezedlule kodwa empeleni bekusemasontweni ambalwa edlule. Ukungaphumeleli kulowo mdlalo kuyasigqugquzela kakhulu,” uRiveiro.
“Sengike ngasho kaningi ukuthi ngicabanga ukuthi sadlala kahle ngalolo suku kodwa kwakunganele. Ukuphinde siqhathwe nabo kusinikeza ithuba lokudlala nabo futhi, singalindi umdlalo wesibili weligi e-Orlando.
“Sinethuba lokuya khona sizame ukwenza kangcono, sithole nomphumela omuhle, okuwukunqoba umdlalo. Sifuna ukuba ngcono kuneStellenbosch siphinde sithole umphumela osifanele ekupheleni kwemizuzu engu-90.”
La maqembu azophinde ahlangane emlenzeni wesibili ozodlalelwa e-Orlando Stadium ngoSepthemba 24 kanti imiphumela yemilenze yomibili izocacisa ukuthi yiliphi iqembu elizodlulela kowamanqamu.
URiveiro uthe ngeke bathembele emlenzeni wasekhaya kodwa bafuna ukuzinika ithuba elihle ngokwenza kahle ekuhambeni.
“Inhloso yethu wukuwina umlenze wokuqala. Sinemizuzu engaphezu kuka-90 futhi sizoba nethuba lokuqinisekisa umphumela e-Orlando kodwa sifuna ukunqoba umlenze wokuqala, singathembeli ekutheni sisenalo ithuba lokudlala umlenze wesibili,” usho kanje lo mqeqeshi onqobe le ndebe nazo eZimnyama ngesizini edlule.
“Sifuna ukuqhubeka nendlela enhle ebesidlala ngayo kwiligi. Lona ngomunye umdlalo okufanele siwudlale futhi njalo uma siya enkundleni sifuna ukunqoba.”
Ngesikhathi ezikaRiveiro zizongena kulo mdlalo zihambela phezulu ngemuva kokunqoba emithathu ilandelana, zidla iDjabal FC yaseComoros kabili emidlalweni yokuhlungela iCaf Champions League neCape Town City koweligi ngoLwesibili, iStellies izobe ibheke ukunqamula imiphumela emibi.
Iqembu likaSteve Barker selihlulwe kwemibili yakamuva. Liguqiswe yiSuperSport United ngo 2-1 ngempelasonto edlule, neKaizer Chiefs ngo 2-0 ngoLwesithathu.
“Siyazi sonke ukuthi iPirates iyiqembu elihle impela futhi liza nomgqigqo omuhle. Yibona abavikela lesi sicoco, banqobe kahle phakathi nesonto ngakho izinga labo lokuzethemba liphezulu.
“Ngicabanga ukuthi bebezethemba nangesikhathi bezodlala nathi ekuqaleni kwesizini ngakho kumele siqhubeke nokuzimisela enkundleni bese sisebenzisa amathuba ethu. Ukudlala imilenze emibili akulula kodwa sizoba nekhefu ngemuva komlenze wokuqala ngenxa yemidlalo yamazwe ngamazwe,” kusho uBarker.