UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ufuna bakukhombise enkundleni ukuthi bafuna ukudlulela phambili kwiNedbank Cup.
IPirates izogadulisana neHungry Lions edlala kwiMotsepe Foundation Championship emdlalweni we-Last 16 eNedbank Cup ozoba se-Orlando Stadium namuhla ngo-6 ntambama.
EZimnyama zidlulele kulesi sigaba ngemuva kokuxebula iCrystal Lake yaseMpumalanga edlala kwi-ABC Motsepe League. ILions idlule kwiJDR Stars edlala kuyona iChampionship.
IPirates, okuyiyona evikela iNedbank, ishayela phezulu kulandela ukwehlula iKaizer Chiefs emdlalweni wabakhaya baseSoweto ngempelasonto edlule.
URiveiro uthe iLions ingaba yinkinga kubona.
"Bengasidalela izinkinga. Banejubane futhi banabadlali abasezingeni eliphezulu. Ngosuku lomdlalo, siyazi ukuthi le midlalo ijwayele ukuba njani. Bonke abadlali bagijima ngokweqile futhi bafuna ukukhombisa ukuthi bengakwazi ukumelana neqembu elifana nathi, elinjengePirates.
“Ngakho kuzoba nzima ngoba siyazi ukuthi kudlalelwa indebe futhi owendebe uhlukile. Nginesiqiniseko sokuthi bazoba yiqembu eliqinile. Ngakho sidinga ukuzilungiselela zonke izimo esingabhekana nazo njengoba kwenzekile ngesizini edlule. Lona wumlenze osukwini okungekho mayelana neqembu. Akukho mayelana namagama abadlali. Kumayelana nokuthi ubani ofuna ukuba semzuliswaneni olandelayo. Sidinga ukukukhombisa ukuthi sifuna ukuya emzuliswaneni olandelayo emizuzwini engu-90 noma engu-120 okungenzeka siyidlale," kusho uRiveiro.
Ngesikhathi iPirates igcina ukudlala e-Orlando emasontweni adlule, ishiye abalandeli benganeme kulandela ukubanjwa yiCape Town Spurs ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership. Kulowo mdlalo eZimnyama zashaya igoli umdlalo usanda kuqala kodwa zahlulwa yindathane yamathuba.
"Imidlalo iza ngokushesha. Kithina ithuba lokudlala e-Orlando yithuba lokwenza kangcono kundlela esidlale ngayo ngesikhathi sigcina ukuba laphaya emdlalweni wePSL. Ngakho kumnandi ukuthi lo mdlalo wase-Orlando ufike ngokushesha emuva komdlalo wabakhaya futhi siyakuqonda ukuthi wumdlalo womkhumulajezi. Asicabangi kakhulu futhi asiziboni sinethuba elingcono ngoba sidlala neqembu elidlala esigabeni esiphansi. Siyalwazi udaba lwale midlalo futhi sizilungiselele ngenkulu inhlonipho yalo ngoba siyazi ukuthi ngeke kube lula," kusho uRiveiro.
IPirates izodlala ngaphandle komgadli u-Evidence Makgopa, Paseka Mako noBandile Shandu abasalimele. Omunye ongeke abonakale kulo mdlalo nguThabiso Lebitso odonsa isigwebo samakhadi aphuzi.
Imidlalo yeNedbank Cup Last 16:
Namuhla - Ngo-3pm: Chippa United v Ravens (Buffalo City Stadium); Richards Bay v SuperSport United (King Zwelithini Stadium).
Ngo-6pm: Orlando Pirates v Hungry Lions (Orlando Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: D’General v TS Galaxy (Free State Stars).
Ngo-6pm: Mamelodi Sundowns v Maritzburg United (Lucas Moripe Stadium).