UHLABEKE umxhwele umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ngakubone kubadlali bakhe benqoba ngembudlu ekuhambeni kwiCaf Champions League ngaphambi kokubhekana ne-Orlando Pirates neKaizer Chiefs kwiDStv Premiership nakwiMTN 8 ngokwahlukana.
ISundowns inqobe ngo 4-0 ekuhambeni kwiBumamuru FC yaseTanzania kowomlenze wokuqala wesigaba sesibili sokuhlungela eyamaqoqo eChampions League.
Kubuye uPeter Shalulile, owengeze igoli lesine kulo mdlalo njengoba uLucas Ribeiro ephume namabili, neliloda likaLesiba Nku.
Nakuba evumile uMokwena ukuthi lo mdlalo ubunzima ngenxa yesimo sezulu nokudlalela enkundleni enotshani bokufakelwa kodwa usale enelisekile ngeqembu lakhe.
ISundowns izobuya kwiligi ngokubhekana nePirates ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku e-Orlando Stadium, ngaphambi kokwamukela iChiefs ngoMgqibelo kowomlenze wesibili owandulela owamanqamu weMTN 8 ababambene kuwona ngo 1-1.
“Esikuqaphelile nethimba lami ukuthi besibhekene neqembu elinzima kodwa sakwazi ukumelana nanoma imuphi umlilo ebelithi lizama ukuwubasa,” kusho uMokwena esithangamini nabezindaba emuva kwalo mdlalo.
“Isimo sezulu asizange sisize kangako kanti nokudlalela enkundleni enotshani esingabujwayele kuke kwasinika inkinga kodwa ngoba siyiSundowns kuye ngokuya sajwayela.
“Amathuba esiwakhile kulezi zimo engizibalayo enza siye kowomlenze wesibili sikhululekile kodwa hhayi ukuthi sesisibukela phansi isitha sethu,” kusho uMokwena sakuxwayisa.
Khonamanjalo: Omakhelwane beSundowns, iSuperSport United ilidedele ekugcineni ukuthi lingene igoli lokulinganisa leGaborone United ababambane nayo ngo 1-1, ngoMgqibelo kwiConfederation Cup eBotswana.
“Igoli esilishaye ekuhambeni kungase kube ilona elisisizayo kowomlenze wesibili futhi akufanele sikhale kangako ngegoli elishaywe iGaborone ekugcineni ngoba belingangenela nanoma imuphi unozinti ophilayo emhlabeni,” kusho uGavin Hunt, emuva komdlalo.
Elinye iqembu lePremier Soccer League (PSL) ebeliyimele kwiConfed Cup, iSekhukhune United ebhabhadise iSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ngo 3-1 ePeter Mokaba Stadium. Nawo lo mdlalo bekungowomlenzee wokuqala.
Imidlalo yomlenze wesibili izokuba ngempelasonto yokuphela kwephezulu.