UZISHAYA isifuba ngendlela iqembu lakhe elikhombisa ngayo ukulungela ukuqala kwesizini entsha yeDStv Premiership ka-2023/2024, uRhulani Mokwena oyinhloko yabaqeqeshi kuleli qembu eselikhonye njengompetha beligi amasizini eyisithupha kulandelana.
ISundowns izovula isizini entsha ngokuvakashela iSekhukhune United ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
NgokukaMokwena, uhambo lwabo lwakamuva lwaseNetherlands lube enkulu impumelelo. Uveze ukuthi uthole ithuba lokukwenza konke abekufisa kusukela ekujwayezeni abadlali abasha isikompilo leqembu kuya ekubajwayezeni indlela yokudlala.
Emidlalweni yobungani emine namaqembu ase-Europe, iSundowns inqobe emithathu yase idlala ngokulingana kowodwa.
Kowokuqala bebhekene neGent AA yaseBelgium, bashayane babukana kuba wu 2-2, okulandelwe ukunqoba kwiGo Ahead Eagles, Sparta Rotterdam neNAC Breda bonke abadlala esigabeni esikhulu saseNetherlands, i-Eredivisie.
“Kukhona konke ebesizimisele ngokukwenza kulo hambo lwase-Europe, ukugwema ukulinyalelwa abadlali abamqoka yikhona okwenza ngiluthakasele nakakhulu,” kusho uMokwena ethimbeni labezindaba leSundowns.
“Ithuba lokujwayeza abadlali abasha eqenjini silisebenzise ngendlela kanti nokuthi sibhekane namaqembu esingawajwayele sisezweni esingalijwayele kusisize kakhulu.
“Konke lokhu sikwenze ngaphandle kokuthinteka komdlali ngisho oyedwa ngakho-ke ngizishaya isifuba ngendlela iqembu lami elikulungele ngayo ukuqala kwesizini entsha, esingangabazi nokho ukuthi izobe ilukhuni kunale edlule,” kuqhuba uMokwena.
Ubonge kubaphathi beqembu ngokubahlelela le ndlela yokulungiselela ukuqala kwesizini entsha. Baqale eRustenburg ngaphambi kokuya eNetherlands.
“Ibinzima ngezindlela ezahlukene imidlalo esiyidlale eNetherlands kodwa lokhu bekuyiyona vele inhloso ngoba sizokuba nemidlalo eminingi nakule sizini emiqhudelwaneni eyahlukene.
“Kuleyo midlalo sizohlangabezana nezingqinamba eziningi ikakhulukazi ezitobheni zethu ngoba kunemidlalo esingeke sikwazi ukuligcina kithina ibhola ngendlela esifuna ngayo ngenxa yokudlaliswa yizikhwepha,” kuphetha uMokwena.
Nakulokhu kubhekwe ukuthi iSundowns ibe ngelinye lamaqembu okulukhuni ukuthola amaphuzu kulona eligini enkulu yakuleli kwazise iphinde yaqinisa ngabanye abadlali abanohlonze yize ishiywe nguCassius Mailula ojoyine iToronto FC edlala kwiMajor League Soccer (MLS), yase-United States of America (USA).