UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, uzisola yena emva kokulahla amaphuzu ekhaya kwaleli qembu libhekene nePyramids FC, yase-Egypt koweGroup A weCaf Champions League.
I-Sundowns iyeke ithuba lokuqhwakela ngegebe lamaphuzu amabili ku-Group A icazelana amaphuzu nePyramids emdlalweni ophele ngo 0-0, eLoftus Versfeld ngeSonto.
Umphumela ushiye leli qoqo livulekile kwazise womane amaqembu aboshelwe kulona anamaphuzu amane emva kwewini eyodwa, ukucazelana ngamaphuzu kowodwa nenduku komunye emidlalweni emithathu.
I-Sundowns yiyona eqhwakele ngoba ingcono ngamagoli kwi-TP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), FC Nouadhibou yaseMauritania nePyramids esemsileni kwazise yiyona esingenelwe ngamaningi kuGroup A.
Esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo nePyramids, uMokwena obekhombisa izimpawu zokunengeka, ukushilo ukuthi banezinkinga ngaphakathi eqenjini kodwa wanganaba kangako.
Okuhlale obala wukuthi ibimnenga indaba yezinqumo ezinye zazo ebezingacacile zikanondweba obephethe umdlalo.
“Sinezinkinga ngaphakathi eqenjini kodwa ngeke ngikwazi ukunaba ngazo ngoba izojika indaba iqhamuke isithi uRhulani useqalile ubeka izaba ngoba belahle amaphuzu, bashaywa nakoweMazembe,” kusho uMokwena.
“Kubona bonke abacabanga ukuthi ngizophawula ngemibuzo ethinta onondweba nendlela abawuphathe ngayo umdlalo, mabakhohlwe ngoba ngeke ngikwenze lokho,” kuqhuba yena.
Ukwamukele uMokwena ukuthi kungenzeka ukuthi wuyena ongazange awenze ngendlela umsebenzi wakhe ngaphambi komdlalo wePyramids.
“Ngaphambi kokuqalaza eceleni kusemqoka ukuthi ngizinuke amakhwapha mina kuqala, ukuthi ngabe abadlali ngibachazele ngokwanele yini ngobumqoka bokuqoqa amaphuzu amathathu kulo mdlalo?
“Angiyazi into ebesiyidlala esiwombeni sokuqala kodwa kwesesibili bese kuyile Sundowns engiyaziyo, okungibuyisela ephuzwini lokuthi ngabe mina ngiwenzile yini umsebenzi obubhekeke kimina, wokuqinisekisa ukuthi konke engibatshela khona ngobumqoka balo mdlalo kuhlalile emakhanda abo?
“Ngabe ngikucacisile yini kubona ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi singazitholi sisesimweni esikusona eqoqweni ngenxa yalo mphumela,” kusho uMokwena.
Yize engazange akusho kodwa ukuthothana kwemidlalo yeSundowns okuhambisana namabanga amade ewazungeza i-Afrika yonke, kungenzeka ukuthi ngezinye izingqinamba abadlali bamaBrazilians ababhekene nazo, eseziqala ukuzwela.
Kusasa izokwamukela iCape Town Spurs kowe-DStv Premiership, ngo-7.30 ebusuku, eLoftus Versfeld, ePitoli.