NAKUBA umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ehlabeke umxhwele ngendlela uCassius Mailula adlale ngayo kusukela ekhushulelwe eqenjini elikhulu, ukholwa ukuthi lo mdlali kusafanele anikwe isikhathi ukuze athuthuke abe sezingeni elingcono kakhulu.
UMailula (21) udlale okokuqala eqenjini elikhulu laMasandawana ephuma ebhentshini ngesikhathi behlula iChippa United ngo 1-0 koweDStv Premiership ngoSepthemba. Ngaphambi kwalokho ubedlalela iqembu kwiDStv Diski Challenge.
Lo mdlali odabuka eGa-Molepo, eLimpopo, wangena enkulisa yamaBrazilians ngo-2016 ngemuva kokubonwa yizinhloli zaleli qembu kwiMandela Youth Challenge eSoweto. Udlala esiswini noma asetshenziswe njengomgadli.
Wahlohla amagoli amathathu ngesikhathi benenebula iLa Passe yaseSeychelles ngo 8-1 kowokuhlungela iCaf Champions League ngenyanga edlule. Useshaye amagoli amathathu kwiDStv Premiership. Amabili uwathole bebhekene neMaritzburg United ngoLwesibili olwedlule, elilodwa walishaya behlula iRoyal AM ngo 3-0 ngempelasonto.
“Okubalulekile wukuthobeka, akumele siliqhakambise kakhulu igama lomdlali kodwa kufanele sikhulume ngendlela adlala ngayo nangeqhaza alibambayo eqenjini," kusho uMokwena.
"Uza kahle kakhulu. Wenza umsebenzi obalulekile esikhathini esinzima kakhulu kithina. Asikhulumi ngabadlali abangekho kodwa iqiniso wukuthi cishe bonke abagadli bethu abekho. Uma sikwazi ukusebenzisa umfana onjengoCassius kusho ukuthi kukhona okuhamba kahle, hhayi kwiMamelodi Sundowns kuphela kodwa nasebholeni laseNingizimu Afrika.
"Ngiyethemba ukuthi usazoqhubeka isikhathi eside ngokuzithoba okukhulu. Okwakhe ukuthi aqhubeke nokusebenza kanzima kanti thina kumele siqhubeke nokumeseka. Kade sagcina ukuba nomdlali ohlaselayo okwazi ukuzisebenzisa zombili izinyawo.
"Sizomlekelela ukuze athuthuke kwezinye izindawo njengokuqala iminyakazo eya phambili. Kumele afunde nokuphuma izikhala ngesikhathi esifanele ngoba kokunye uyaxhamazela, kokunye asindwe yizinyawo. Konke lokho kuzoba ngcono uma senyuka isipiliyoni futhi eqeqeshwa ngendlela efanele. Sizomsiza ngoba sonke siyalibona ithalente aliphiwe uNkulunkulu."
Yize iSundowns isanda kubhekana nembibizane yokukhishwa yi-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weMTN8, okusho ukuthi yehlulekile ukuvikela indebe eyinqobe ngesizini edlule, isawubambile umgqigqo kweyeligi.
Izoya ekhefini leNdebe yoMhlaba ihlezi ngokukhululeka esicongweni kwi-log ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-12. Iqembu elilandelayo, iRichards Bay, lisele ngamaphuzu amahlanu ekubeni selidlale umdlalo owodwa ngaphezulu.
Nokho, ngaphambi kokuthi bacabange eyokuyophumula, uMokwena uthe kufanele balungiselele iCarling Black Label Cup, ezobanika ithuba lokuqeda ingxenye yokuqala yesizini ngenothi elihle.
"Sizolungiselela iCarling Black Label. Yithuba lokuwina indebe ngaphambi kokuthi sicabange ukuya emakhaya ngoba unyaka ubunzima. Ngibatshelile abadlali bami ukuthi bekunzima, hhayi nje kubadlali bebhola nabathintekayo kulo mdlalo kodwa nasemphakathini wonkana,” usho kanje.
"Uma sesiphumile eqenjini siba yingxenye yemindeni yethu kanye nemiphakathi yethu. Ukuya kubona nomuzwa omnandi kungabajabulisa nabo. Sisahlalelwe umsebenzi omningi."
ICarling Black Label Cup izodlalelwa eFNB Stadium ngoNovemba 12. ISundowns izobhekana naMaZulu kowandulela owamanqamu wokuqala. Komunye kuzodudulana iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.