UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ucasulwe wumbuzo wentatheli emva komdlalo wamaqoqo weCAF Champions League abahlulwe kuwona yiTP Mazembe ngo 1-0 ngoMgqibelo ntambama.
Igoli elitholele Mazembe amaphuzu amathathu kulo mdlalo weGroup A obuseStade TP Mazembe Stadium, eDemocratic Republic of Congo, livalelwe uGlody Likonza maphakathi nesiwombe sesibili.
Ngemuva komdlalo uMokwena uthe ezakhe ziwatholile amathuba okushaya igoli kodwa wahalalisela iTP Mazembe ngokunqoba.
“Yebo, aseneme ngokuthi sihluliwe, ikakhulukazi uma ubheka isibalo samathuba esiwatholile. UShalulile (Peter) uthole ithuba elihle ngesiwombe sesibili unozinti walivimba ngezinyawo,” kusho uMokwena.
“Sidumele futhi ngegoli esilidedele nangomphumela. Okubalulekile ebholeni wukuthi umdlalo uphele kanjani, ngakho-ke siyawamukela lo mphumela ngokuzithoba.
"Ebholeni unganqoba, uhlulwe noma udlale ngokulingana, awukho umphumela ongimangazayo. Angikawuhlaziyi umdlalo ngakho ngeke ngisho ukuthi besiyiqembu elingcono kodwa ngiyazi ukuthi siwatholile amathuba amahle."
UMokwena uthe lo mphumela awumenzanga angabaze abadlali bakhe ngaphambi kokuthi acasulwe yintatheli embuze ukuthi bebehlose ukuhlulwa yini kulo mdlalo.
"Ngididekile ngeqembu lami? Awekho amathuba okuthi lokho kwenzeke. Ngiyabathanda abadlali bami, ngibathanda kakhulu kunendlela ebengibathanda ngayo ngaphambi komdlalo.
Leli qoqo labadlali selikhombisile ukuthi liyiqembu elihamba phambili ezwenikazi i-Afrika. Uma sihlulwa sihlulwa ndawonye,” usho kanje.
"Umthwalo wemiphumela usemahlombe omqeqeshi. Abadlali banikele ngakho konke abanakho futhi ngiyaziqhenya kakhulu ngemizamo yabo. Uma kukhona okumele agxekwe ngokuhlulwa, yimina. Angibangabazi nhlobo abadlali bami.
“Sizamile ukuthola igoli. Kuwukungahloniphi ukuthi besihlose ukuhlulwa. Asisebenzi kanzima kangaka ukuthi sihlulwe emidlalweni. Lo mbuzo ukhombisa ukungahloniphi.
"Uma kungumoya esizoqhubeka ngawo lesi sithangami, kungangcono sivele sisivale. Ngize lapha ngenhlonipho nokuzithoba ukuze ngihloniphe nina neMazembe kodwa senifuna ukudelela iqembu lethu."
ISundowns ne-TP Mazembe banamaphuzu amathathu ngamunye ngemuva kwemidlalo emibili, kanjalo namaqembu aseqoqweni lawo, iNouadhibou nePyramids.
AmaBrazilians azodlala olandelayo weChampions League nePyramids eLoftus Versfeld ngeSonto ntambama. Ngaphambi kwalokho azoyibama kwi-DStv Premiership, lapho ezovakashela AmaZulu eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.