UNXUSE abalandeli ukuthi babekezelele omunye wabadlali bakhe, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena.
ULeseba Nku (27) ujoyine amaBrazilian ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiMarumo Gallants. UMokwena ukholelwa ekutheni usazoba ngumdlali obalulekile kuMasandawana uma bemnika ithuba lokuzinza eqenjini.
Lo mdlali ogijima esiswini ngakwesokudla, usedlale imidlalo engu-25 emiqhudelwaneni ehlukene, washaya amagoli amathathu.
“Ngake ngakusho lokhu futhi ngizokuphinda. Kukhona isikhathi lapho i-Real Madrid yasayinisa khona uLuka Modric kodwa abalandeli bamanqika. Kuyahlekisa ngoba abalandeli beSundowns basheshe bakhohlwe ukuthi uNeo Maema wafika kanjani, kwaba nemibuzo. Kwenzeka okufanayo ngoKhuliso Mudau,” kusho uMokwena kwabezindaba.
“Ngingabalula inqwaba yabadlali kodwa bathuthuka ngenxa yokuqeqeshwa nawo wonke umsebenzi esiwenzayo. Ngiyacela nje kubalandeli beSundowns ukuthi bambekezelele kancane uLesiba Nku. Ubukhali ngezindlela ezahlukene. Abadlali abafana naye bayaphumelela ebholeni nasemakilabhini amakhulu ngoba banezikhali eziningi.
“Uyakwazi ukujika, unejubane, uyamaka futhi uyakwazi ukuhlasela ngokuzuma. Uhlezi esebhokisini. Abantu kumele baqaphele ukuthi ungena kanjani ebhokisini esuka ephikweni Umdlali onjalo uba wusizo eqenjini elikhulu.”
UMokwena unethemba lokuthi uma uNku esekudlulisile ukuphoxeka kokugawulwa yizembe neGallants ekupheleni kwesizini edlule, uzoqala ajwayele ukudlalela iqembu eliwinayo futhi akhombise ngokuphelele ukuthi ungumdlali onjani.
“Kukhona ushintsho okufanele lwenzeke ngoba uhambo lwakhe ebholeni luhlanganisa nokuhlukumezeka okuncane. Uma udlalela iqembu elivika izembe, ligcine liye ehlathini, ube ungumdlali osemqoka, kuba khona ukuzisola okuthile. Kufanele adlule kulokho ngokomqondo ngaphambi kokuthi ajwayele ukudlalela iqembu elikhulu,” uMokwena uchaze kanje.
“Kuningi okwenzekayo kodwa engikucelayo wukuthi abalandeli babekezele. Bazoqonda ukuthi kungani uLesiba athengwa yiSundowns.”
ISundowns iqhubekile nerekhodi layo lokungashaywa kwiDStv Premiership kule sizini ngokunqoba iRoyal AM ngo 1-0 ngoMgqibelo. Isiqoqe amaphuzu angu-66 emidlalweni engu-26.
Izophinde ibhekane neThwihli Thwahla eHarry Gwala Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku. Izobe isisalelwa ukudlala neStellenbosch FC, TS Galaxy neCape Town City ukusonga iligi.