Esikhundleni sokucacisa, ishiye imibuzo indlela aphendule ngayo umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ngesikhathi ephawula okokuqala ngokushiya kukaBongani “Ben 10” Zungu, kuleli qembu elingometha beDStv Premiership.
UZungu (31) odlalele iSundowns kwengu-30 yemiqhudelano eyahlukene ngesizini edlule, ubhadlaze ekhasini lakhe lezinkundla zokuxhumana, u-Instagram, emasontweni amabili edlule ukuthi akaseyena umdlali wompetha beligi.
Lo mdlali obesehlale amasizini amabili kwiSundowns kusukela ebuye phesheya kwezilwandle ngo-2022, ubengomunye wabaziwa njengabasondelene kakhulu noMokwena.
“Bengingakuthokozela ukuqhubeka ngisebenze noZungu kodwa ngiphoqelekile ukubeka izifiso zeqembu phambili, hhayi ezami,” kusho uMokwena kwiPower FM ngeledlule ngesikhathi ebuzwa ngokushiya kukaZungu.
Okuqaphelekile ukuthi kusukela uZungu ememezele lokhu kushiya kwakhe, iSundowns ayikaze isho lutho ngakho.
Kwale ngishi iSolezwe lisebenzisa imigudu ebekwe ilona leli qembu ukuba ilandelwe uma kunemibuzo ekhona kodwa langabuya impendulo.
Ezeseka kule nkulumo yakhe engacwele mfi, uMokwena udwebe isithombe sezinkinga ngenkontileka kaZungu abeke sengathi iyaphela maduze.
“Kuvamise ukuba nenkinga uma kukhulunywa ngezinkontileka eziphelayo ngoba indaba isuke isiphakathi kweqembu, umdlali nalabo ababheke izindaba zakhe.
“Umuntu ongaphawula into eqondile ngodaba lokushiya kukaZungu usomaqhinga weqembu uFlemming (Berg), noma iqembu uqobo.”
“Iqiniso lami ukuthi bengingakujabulela ukuqhubeka ngisebenze noZungu njengoba bengingakuthakasela futhi ukuqhubeka nokusebenza, noCassius (Mailula) noHashim (Domingo), abagcina behambile.
“Impilo ayikuniki lokhu okufunayo ngaso sonke isikhathi ngakho-ke kumele sikwamukele ukuthi ngeke sidlale ne-Esperance (iqembu laseTunisia elikhiphe iSundowns kwiCaf Champions League), njalo uma sifisa ukudlala nayo,” kusho yena sakulinganisa.
UMokwena uphethe inkulumo yakhe ngokucacisa ukuthi yize enothando oluningi lwabadlali bakhe kodwa olweSundowns ilona oluseqhulwini.
“Okunzima kakhulu ngokuhlukana nabadlali ukuthi kufanele ukudlulise ngokushesha ngoba umsebenzi awumile kepha uyaqhubeka.
“Uthando nezibopho enginazo neSundowns ziyangiphoqa ukuba ngibeke yona phambili bese uthando lwabadlali bami lulandele emuva yize kunzima kunjalo,” kuphetha uMokwena.
Selokhu kuvalwe isizini iSundowns ayikasho lutho ngabadlali abahambayo noma abasha. Inenqwaba yabadlali abebabolekise kwamanye amaqembu akwiPremier Soccer League nabo abalinde ukucaciseleka ngekusasa labo. Phakathi kwabo kukhona, u-Ismail Watenga, Thabiso Kutumela, Sifiso Ngobeni, Etiosa Ighodaro noPromise Mkhuma.