KUZOBA lukhuni kwabanye abagadli abasembangweni wesicathulo segolide uma u-Iqraam Rayners, eqhubeka nokugila izimanga njengoba enzile ngokushaya amagoli amahlanu emdlalweni weligi.
Lawa amazwi asakuxwayisa abagadli abasembangweni wesicathulo segolide ashiwo nguShaun Bartlett, kulandela ubuqhawe bukaRayners oshaye iPolokwane City ngempama koweDStv Premiership ngoMgqibelo, eDanie Craven Stadium, eKapa. IStellenbosch esembangweni wokuqeda endaweni yesibili kwi-log, inqobe ngo 5-0.
UBartlett owashaya inqwaba yamagoli kwiPSL, iligi enkulu yaseSwitzerland nakwi-English Premier League (EPL), ukhulume neSolezwe sakulithuma, kuLucas Ribeiro, weMamelodi Sundowns, noTshegofatso Mabasa, we-Orlando Pirates obekuyibona abasembangweni wesicathulo segolide ngaphambi kokuthi uRayners avuke umbhejazane eKapa ngoMgqibelo ebusuku.
URayners usenamagoli awu-13 eligi, okumubeka phezulu embangweni weGolden Boot.
URibeiro onamagoli awu-11 uyena onethuba elingcono ukufica noma adlule uRayners kwazise usalelwe imidlalo yeligi eyisishiyagalombili uma kubalwa nowanamuhla ne-TS Galaxy.
URayners usalelwe emihlanu kanjalo nomgadli we-Orlando Pirates uTshegofatso Mabasa ongene enkundleni izolo koweRoyal AM naye enamagoli awu-11.
URayners ushaye amagoli amahlanu emdlalweni wesigaba esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika okokuqala eminyakeni engu-17 kwazise lokhu kwagcina ukwenzeka uJames Chamanga waseZambia ngo-2007, owayesemabhukwini eMoroka Swallows.
Ngalelo langa iSwallows yabhudluza iPlatinum Stars ngo 6-2.
“Inkinga yalaba uRayners abanga nabo ukuthi ushaya la magoli amahlanu nje, vele usefomini enhle kulezi zinsuku okuzokwenza kube umqansa ukumfica uma eqhubeka ngalo mgqigqo,” kusho uBartlett.
“Yebo akulula ukuqagela ukuthi kuzokwenzekani kodwa sesikhule ngokwanele ukuqonda ukuthi unobhutshuzwayo unendlela yawo yokwenza izinto njengoba wenzile uRayners esishiya sikhexile.
“Ifomu kaRayners yakamuva yinhle okufakazelwa ukuthi nakuwona la magoli awashaye emdlalweni owodwa, akulula ukukhetha okuyilona elingcono kunelinye.
“Okufanele kwenziwe ilaba bagadli abasembangweni ukuthi bonke baqhubeke nokubekelana kuze kube isizini iyaphela ngoba bazokuthanda lokho abalandeli.
Ngaphandle kokunyusa izibalo kwiligi, uMabasa noRayners bangazifaka nasezinhlelweni zikaHugo Broos weBafana Bafana enemibili futhi emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.