OMUNYE wabaphathi beKwaMashu All Stars, edlala kwiSafa eThekwini Regional League, uNkemelle Ntsoane, ukholwa wukuthi uThabo Cele, osanda kusayiniswa yiSekhukhune United, uzokwazi ukuvelela kuleli qembu elidlala kwiDStv Premiership.
UCele (26), odabuka KwaMashu, osuka kwiRadomiak Radom yasePoland, abesedlale kuyona amasizini amabili, umangaze abaningi esayina kwiSekhukhune, phezu kokuba bekwaziwa ukuthi ufunwa uthuli yiKaizer Chiefs, esigcine ingamtholanga.
Le njini yasesiswini, engomunye wabadlali abaphekwe esikhungweni iKZN Football Academy, izodlala okokuqala kwiPremier Soccer League (PSL), njengoba iqale ukudlala ibhola elikhokhelayo ngo-2016/17 kwiReal Sport Clube yasePortugal.
Waphinde wadlala kwamanye amaqembu asePortugal, okubalwa iBenfica, iCova Piedade, ngaphambi kokwedlulela kwiRadom yasePoland.
“Noma ngabe ubesayiniswe yiChiefs noma yiPirates, ngikholwa wukuthi ubezofika alibambe ngazo zombili ithuba, asebenze ngokuzikhandla, avelele.
Uyilolu hlobo lomdlali okuthi lapho efika khona asebenze ngokukhulu ukuzimisela, nokungenza ngingangabazi ukuthi nakhona kwiSekhukhune uzokwenza okufanayo, inqobo nje uma ekhululekile futhi enothando lokudlala kulelo qembu,” kusho uNtsoane.
UNtsoane obambisene nomnewabo uTshepo, ekuphatheni nasekuqeqesheni iKwaMashu All Stars, usebenzile noCele kuleli qembu lisadlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.
Kukwi-All Stars lapho uCele aqala khona ukukhombisa izimpawu zokuba ngumthente ohlaba usamila, waba ngukaputeni weqembu eneminyaka engu-16 ubudala kwiMotsepe League, ngaphambi kokuthathwa yiKZN Football Academy, nokuyiyona eyamphendlela indlela ebheke e-Europe.
“Empeleni ngokwami uThabo ngibona esezokwazi ukuvelela kahle manje esedlala la eNingizimu Afrika kunalapho abedlala khona ePoland, ngasohlangothini lwabaqeqeshi beqembu lesizwe iBafana Bafana.
“Ngale kwalokho sebezokwazi ukumbukela eduze nabafana abancane balapha KwaMashu, ababukela kakhulu kuyena nabazimisele ngokuhamba ezinyathelweni zakhe.
“Ngaphambi kokuya kwakhe ekhempini yeBafana Bafana, ubephansi phezulu elandelwa yilaba bafana abancane uma eyojima enkundleni yaKwaMashu, e-Number 4, nasebhishi. Lokho kuwubufakazi bokuba ngumdlali ozimiselayo ngisho isizini ivaliwe,” kuqhuba uNtsoane, ophinde abe ngumengameli weKwaMashu Local Football Association.
UCele uphakathi kwabadlali abangu-47 besikwati seBafana Bafana esisazophungulwa, esizodlala kwiCosafa Cup, ezoqala ngoJulayi 5 kuya ku-16, eThekwini.