I-KAIZER Chiefs iqede ukuqagela ngomqeqeshi ozobe ehleli ebhentshini ngesizini ezayo kulandela ukumemezela kwayo izinguquko ezinqala ebhentshini layo eselizoholwa, uMolefi Ntseki, ozosizwa ngobeyinhloko u-Arthur Zwane noDillon Sheppard.
Seliyoshona elayizolo, iChiefs ikhiphe isitatimende lapho ibiqinisekisa khona uNtseki njengenhloko entsha.
UZwane okuphele isizini sekumuncu phakathi kwakhe nabalandeli ngenxa yokugqoza kwemiphumela encomekayo, uzoqhubeka nokuhlala ebhentshini kodwa usezokuba omunye wabasizi bakaNtseki.
Ngesikhathi abalandeli beChiefs belindele igama lomqeqeshi ovela ngaphandle kwakuleli, leli qembu lisuse uNtseki obeyinhloko yezinkulisa zalo yasivala ngaye isikhala sozofika namaqhinga okuqeda indlala yezinkomishi esibheke eminyakeni engu-10.
Ngokwemibiko ebisabalele kuleli, iChiefs ibixoxa nonoNasreddine Nabi onqobe izicoco neYoung Africans yaseTanzania. Nokho kuvele ukuthi izingxoxo zifinyelele kwangqingetshe uNabi esethi ufuna ukufika nabasizini bakhe. Isolezwe lithole ukuthi bekulukhuni ukwamukela isicelo sikaNabi njengoba uZwane ebesasalelwe iminyaka emibili kwinkontileka abenayo. Ekugcineni, kuqhamuke igama likaFernando Dacruz obeqeqesha i-AS Far yaseMorocco, njengomunye osefake isicelo zomsebenzi eNaturena.
Ngaphandle kokunaba ngenkontileka kaNtseki, usihlalo weChiefs, uKaizer Motaung Snr, ubonge lo mqeqeshi owake wapheka iBafana Bafana ngokwamukela isicelo sabo.
“Sikuqonda kahle ukuthi uNtseki uthatha lo msebenzi ngesikhathi esinzima kepha siyakholelwa kwisipiliyoni sakhe ukuthi angayibuyisela iChiefs emgqeni obheke lapho ifisa ukuya khona,” kusho uMotaung kulesi sitatimende.
UNtseki uthe uyawamukela umsebenzi wokupheka iChiefs futhi uzimisele ukusebenzisana nethimba lakhe ukuze bakwazi ukujabulisa izigidi zabalandeli baleli qembu.
“Ngiwamukela ngenkulu inhlonipho nokuzithoba lo msebenzi omkhulu engiwunikwe usihlalo nebhodi neqembu. Ngiyababonga ngokungethemba nokukholelwa kimina ukuthi ngibe ukaputeni walo mkhumbi. Ngikubheke ngabomvu ukusebenza nawo wonke umuntu ethimbeni lami ukuthi sibuyisele izigidi zabalandeli bethu emhlabeni wonke injabulo ebafanele,” kusho uNtseki kulesi sitatimende.
UKaizer Motaung Jnr oyiSporting Director kwiChiefs uqinisekise nokuthi leli qembu libuyise, uRainer Dinkelacker waseGermany owayewuqweqwe lo mqeqeshi wonozinti eminyakeni edlule. Kuthiwa uzosebenza nethimba lonozinti.