AKWEHLI kahle ukuphenduka ukudla kwebhentshi kumgadli we-Orlando Pirates, u-Eva Nga, ongakadlali nowokubika umdlalo kwiDStv Premiership kule sizini.
UNga waseCameroon, ujoyine iPirates ekuqaleni kwesizini edlule ekade eqhulula amagoli kwiChippa United. Ufike eMzansi ngo-2019 elandwa ngumqeqeshi uGavin Hunt esaqeqesha iBidvest Wits ekade embone eshaya amagoli ubuthaphuthaphu kwiCosta do Sol yaseMozambique.
Ngaphambi kokuqala kwesizini bekunezinkulumo zokuthi uHunt ufuna uNga azomjoyina kwiSuperSport United ezovala isikhala sikaThamsanqa Gabuza. Nokho iSuperSport igcine ithole uTerrence Dzvukamanja kwiPirates.
Selokhu kuqale isizini ka-2023/2024, uNga uyibuka nabalandeli imidlalo yeZimnyama. Uthole ithuba kuphela kweyeCaf Champions League bebhekene neDjabal Iconi neJwaneng Galaxy yaseBotswana ebakhiphile kulo mqhudelwano. UNga ubehlezi nezicukuthwane ngesikhathi iPirates ihlula iMamelodi Sundowns kowamanqamu weMTN8 eThekwini ngempelasonto edlule.
"Ngeke ngisho ukuthi ngijabule ngokungadlali kodwa isimo kufanele ngisamukele ngoba singabadlali singu-35, kufanele banikeze ithuba umdlali ngamunye. Ngizoqhubeka nokusebenza kanzima, ngilinde ithuba lami.
“Ngiyabajabulela abadlalayo okwamanje ikakhulukazi abadlala indawo yami njengoLepasa (Zakhele) noMakgopa (Evidence), benza kahle. Angikwazi ukuthi angibajabuleli ngoba ebholeni umdlali ngamunye isikhathi sakhe siyafika. Uma isikhathi sakho sifika, akekho ongakwephuca sona. Isimo kufanele usamukele noma ngabe awujabule," kusho uNga.
Kubagadli bePirates, uLepasa uyena oqale ngegiya eliphezulu eyishayela amagoli. Kodwa emidlalweni eyisihlanu yakamuva uhlaselwe yisomiso. Empeleni iPirates iyishaye kanye inethi emidlalweni eyisihlanu yakamuva. NguMakgopa oshaye igoli elibuyise ithemba kweZimnyama kowomlenze wesibili weChampions League kodwa zagcina zihlulwe kumaphenathi. Iningi lingabheka lesi simo njengesiphoqa umqeqeshi uJose Riveiro ukuthi abanikeze ithuba abanye abagadli.
"Isikhathi sami sizofika. Ngiyakwazi lokho. Ngisebenza kanzima, ngiyazikhandla. Ngisho ngiziqeqesha ngedwa ngisebenza kanzima ukuzama ukulungisa izindawo ezithile. Ngizobuya sengihlukile kulokhu abantu abakwaziyo ngoba ngiyakholelwa kimina. Ukufika kwami kwiPirates kuyizinkomba zokuthi kukhona abakubonile kimina," kusho uNga.