UMDLALI osemncane weKaizer Chiefs, uSamkelo Zwane, ululekwa ngokuthi alambele ukubalwa nabadlali abahlonishwayo e-Afrika abake bayibamba enkabeni yenkundla.
Kuyimanje uSamkelo (20) oyibamba esiswini kwiChiefs ogqame eqenjini leDStv Diski Challenge, useqalile ufaniswa nenkakha yaleli qembu, uTinashe Nengomasha.
UNengomasha oseyimenenja yeqembu iNgezi Platinum yaseZimbabwe, uyibambe enkabeni yenkundla kwiChiefs iminyaka engu-10, ngaphambi kokufudukela kwiBidvest Wits.
Emuva kokuhamba kwakhe, abalandeli bebekhala ngokuthi akekho umdlali ovale isikhala sakhe phezu kokuba ubekhona umkhaya wakhe uWillard Katsande. Umqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane, useke wambophela uSamkelo kwiMacufe Cup, kwaphela umdlalo esenconywa nxazonke.
USamkelo ngomunye wabadlali beChiefs abayibamba kwiDStv Diski Challenge abanyuselwe esikimini ezikhulu.
Lo mdlali ubonakele eqenjini elikhulu nangesikhathi lidlala kwiCarling Black Lavel Cup. Abanye abanye abalandeli balimise ngesihloko elokuthi kuvuke uNengomasha kulo mdlali oyindodana ka-Eugene Zwane, owayeyibamba kwi-Orlando Pirates. UNengomasha ebuzwa ngalo mdlali osefaniswa naye, uthe akumele azifakele ingcindezi.
"USamkelo ukuyona le minyaka yobudala engafika ngikuyona kwiChiefs. Akufanele azifakele ingcindezi. Abantu bayohlala beqhathanisa. Mhlawumbe ufana nami ngempela futhi kungenzeka ukuthi ungcono kunami. Ngizizwa ngithobekile ukuthi abantu bamfanisa nami. Kufanele aqhubeke nakwenzayo ukuze ezokhula kahle," kusho uNengomasha.
"Kunengcindezi kwiChiefs okufanele akwazi ukumelana nayo. Okuhle wukuthi udlala ngaphansi komqeqeshi oyaziyo le ngcindezi. Okufanele akwenze wukusebenza kanzima alwele ukufika ezingeni labadlali abaphezulu e-Afrika abafana noMichael Essien (Ghana) abaziwa umhlaba wonke.
“Kufanele ayodlala e-Europe. Siyabadinga abadlali abanekhono njengoSamkelo ukuthi bakhuphule ingxenye esezansi ye-Afrika ngoba ayinabo abadlali abaningi abadlala e-Europe. Yilokho kuphela okungaqinisa amaqembu esizwe ethu."
Emuva komdlalo weCarling Cup ne-Orlando Pirates, uZwane, umncomile uSamkelo benoMduduzi Shabalala ngokungena emdlalweni wabakhaya bakhombise ukungesabi phezu kokugcwala kwenkundla iFNB Stadium. Bekuchwaza inkundla uma bebamba ibhola.
"Kufanele azithobe. Manje wonke amehlo azohlala kuyena. Uma ezonaka lokho, azitshele ukuthi usephumelele, kuzoshabalala konke. Kufanele athole abantu abalungile abazomcathulisa. Njengoba esaneminyaka engu-20, unethuba lokuya eqenjini elikhulu phesheya kwezilwandle, abe ngumdlali ongcono kunami," kusho uNengomasha.