ENYE yezinkakha eyaba nesikhathi esihle kwiKaizer Chiefs, uRobert Nauseb, iluleka ubuholi baleli qembu ukuthi buhlangane nabalandeli, bubacele ukuthi kunikwe ithuba umqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, osekubukeka kunguyena ozoqhoqhobala izintambo ngesizini ezayo eNaturena.
Ukuqina kwezinsolo zokuthi ilo mqeqeshi waseTunisia ozocija Amakhosi, kufakazeleke ngeSonto, kutheleka kuleli amalungu amabili ethimba azosebenzisana nalo.
NgeSonto, iFarpost okuyi-website ebika ngezebhola, inameke i-vidiyo okubonakala kuyo uKaizer Junior Motaung oyiSporting Director nomlisa obegqoke isikibha esinophawu lweChiefs, behlangabeza uFernando Da Cruz waseFrance esikhumulweni sezindiza, i-OR Tambo International, eGoli.
UCruz ubeyiphini likaNabi kwi-AS Far Rabat yaseMorocco ngesizini ka-2022/23.
Lo mthombo wezindaba uphinde wabika nokuthi usethelekile kuleli nomqeqeshi wonozinti, u-Ilyes Mzoughi waseMauritania.
Laba kuthiwa bawuqale izolo umsebenzi eNaturena.
Abanye okuvela ukuthi kulindeleke bafike maduze, uKhalil Ben Youssef okuthiwa uzoba yiphini lesibili noMajdi Safi ungumqeqeshi we-conditioning.
Kuthiwa azoba yisithupha esewonke amalungu ethimba kaNabi.
Ngalo iSonto, uNabi uhole ngempumelelo i-AS Far kowandulela owamanqamu eThrone Cup. Imibiko yayiveze ukuthi lona kuzoba umdlalo wokugcina walo mqeqeshi kuleli qembu njengoba uzobe esetheleka kuleli.
Imibiko yokuthi iChiefs ifuna lo mqeqeshi iqale ukuvela ngaphambi kwesizini ka-2022/23 esasebenza kwiYoung Africans yaseTanzania.
Unqobe kabili nayo inkomishi yeligi neyeFar Cup.
Uphinde wayifaka okokuqala kowamanqamu eCaf Confederation Cup.
Kwisizini yokuqala kwi-AS Far ukwaze ukuqeda endaweni yesibili kwiligi.
Ithimba labaqeqeshi abasha lifika izinhliziyo zabalandeli beChiefs zigaya izibozi.
Sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye iqembu labo lihluleka ukunqoba noma isicoco esisodwa. Ngesizini edlule, kubhede kakhulu liqeda ngaphandle kwe-Top 8 kubambe uCavin Johnson.
UNouseb waseNamibia, owadlala ngaphansi kukaPaul Dolezar noMuhsin Ertugral, uyincome kakhulu iChiefs ngokulanda uNabi.
Umchaze njengomqeqeshi ozobuyisa izinsuku zenjabulo uma ezonikwa ithuba.
Ululeke izikhulu zeChiefs ngokuthi zimvikele kubalandeli.
"Ngibazi kahle abalandeli beChiefs, bathanda ukuhlale benqoba. Bathanda nemiphumela esheshayo. Angibasoli, iqembu labo laziwa ngokuwola izinkomishi. Kulokhu kuzomele bashintshe ukwenza uma befuna kubuye injabulo. Njengoba uNabi eza nalo lonke ithimba lakhe labaqeqeshi, kusho ukuthi uzodinga isikhathi. Ngibona namasizini amabili ezophela esakha," kubeka uNauseb, oseqeqesha iqembu lase-University of Namibia.
Uqhube wathi: "Ubuholi beChiefs kuzomele bubizele eVillage (eNaturena) bonke osihlalo bamagatsha abalandeli. Kuzomele bubatshele ukuthi badlulise umyalezo kubalandeli othi uNabi akanikwe ithuba. Nokuthi abangajahi imiphumela, usakha. Uma bungenza njalo zizobuya noma kanjani izinsuku zenjabulo. Irekhodi likaNabi liyazichaza, uwumqeqeshi wezinga eliphezulu. Lapho efika khona kuyacaca.“