INKAKHA ye-Orlando Pirates, u-Edward "Magents" Motale, weluleka abadlali baleli qembu ukuthi benyuse amasokisi ohambweni labo lase-Europe ukuze bezoheha amehlo abaqeqeshi bakuleli zwekazi.
EZimnyama ziphinde zamemezela ukuthi zibuyela eSpain ukulungiselela isizini ka-2024/25. Kuzokhumbuleka ukuthi nangaphambi kokuqala kweka-2023/24 zazikulona leliya lizwe likaJose Riveiro ongumqeqeshi wazo.
Zangcweka neMaccabi Tel Aviv yakwa-Israel, Independiente Valle yase-Ecuador neLas Palms yasesiqhingini saseSpain, iCanary Islands.
IPirates imemezele ukuthi izoqala ibhekane nePlymouth Argyle edlala esigabeni sesibili e-England. Lo mdlalo ungoJulayi 12.
Leli qembu, eliteketiswa ngeThe Pilgrims, liqeqeshwa nguWayne Rooney oyinkakha yeManchester United. NgoJulayi 15 izolandela ngeSevilla yakhona eSpain ne-Al Sadd SC edlala kwiQatar Stars League.
UMotale, owayengukaputeni ngesikhathi iPirates inqoba isicoco seCaf Champions League ngo-1995, uncome abanikazi baleli qembu ngalo mkhuba wokuyongcweka namaqembu angaphandle.
Weluleke amanye amaqembu ukwenza okufanayo.
"Ngiyazi ukuthi konke kuncika emalini kodwa bekungaba yinto enhle ukuthi namanye amaqembu asike iphethini kwiPirates. Ngiyakhumbula ukuthi nangaphambi kokuqala kwesizini edlule, neMamelodi Sundowns beyiwabambe phesheya amalungiselelo esizini esanda kusongwa.
‘Ukuya kwala maqembu phesheya kuwasize kakhulu. ISundowns iqhubekile nokukhonya, i-Orlando Pirates yalala isibili yaphinde yanqoba nezinkomishi.
Lento eqalwa yiPirates neSundowns ingaba nomthelela omuhle ngisho naseqenjini lesizwe," kubeka uMotale odlale kwiPirates phakathi kuka-1994 kuya ku-1997.
Le nkakha, eyafika esigabeni esikhulu ngeDynamos, ithe abadlali bePirates kumele benyuse amasokisi ukuze bezobonwa ngamaqembu ase-Europe.
"Yithuba elingandele bani leli. Banenhlanhla laba bafana, banalo lonke ithuba lokuziveza emaqenjini aphesheya. Lapha asikhulumi ngokuthi izinhloli zala maqembu aphesheya zizosuka emazweni azo zize eNingizimu Afrika ukuzohlaya ikhono. Abadlali bePirates bazobe bedlala phambi kwazo. Njengoba kuvalwa isizini emaligini amaningi kule midlalo emithathu yePirates, kuzobe kugcwele lonke uhlobo lwabaqeqeshi nezinhloli ukuzohlwaya ikhono. Bonke bafuna ukuqinisa izikwati zabo. Abalisebenzise ngendlela leli thuba abadlali,“ kusho uMotale.
Uqhube wathi: "Uma wonke amaqembu engasika iphethini kwiPirates, baningi abadlali abangathola amadlelo aluhlaza. Singanda isibalo sabadlali bethu abadlala phesheya.“