LIBHOBOKILE ithumba mayelana nokunyamalala komgadli weMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile, obekufihlwa eChloorkop.
Ngaphambi kokubhekana ne-Orlando Pirates koweMTN8 ngempelasonto edlule, iSundowns ibishona ezintangeni uma ibuzwa ngokungabonakali kwalo mgadli waseNamibia, enkundleni. Iphephandaba lithole nangemithombo esondelene noShalulile ukuthi udonswe ngendlebe ukuthi angatsheli muntu ngesimo sakhe, kuze kube iqembu liyasidalula.
Ngemva kokuthi iSundowns ixebule iMaritzburg United ngo 5-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku, eMgungundlovu, umqeqeshi uRhulani Mokwena, udalule ukuthi uShalulile ulimele futhi ubeyohlinzwa.
"Uxilongwa ngodokotela ababhekene ngqo nokulimala kwakhe. Kade eyohlinzwa kodwa akuyona into ephakamisa amaphaphu. Ngiyethemba ukuthi uzobuya ngokushesha. Nginesiqiniseko sokuthi ngeke abuye ingakapheli iNdebe yoMhlaba. Ubanjwe yinto ebucayi ehlobene ne-Sports Hernia (ubuhlungu emanyongeni). Bekunzima, yingakho kudingeke abone odokotela abathathu abahlukene. Ngenhlanhla ungumuntu olungile, ungumfana olungile. Ngakho, ngaphandle kokumfakela ingcindezi, singalindela ukuthi abuye ngokushesha kunalokhu esikucabangayo. Akukubi ngale ndlela abesiyicabanga," kuchaza uMokwena.
Okudide abaningi ngokunyamalala kukaShalulile wukuthi abaqeqeshi beSundowns, bebengasho okufanayo uma bebuzwa ngaye. Ngesonto eledlule omunye wabo uManqoba Mngqithi, wathi akazi ukuthi noma uzobe edlala kowePirates noma cha.
EMphithi, uMokwena ubehlezi ebhentshini leSundowns okokuqala ngemuva kokuqokelwa esikhundleni sokuba ngumqeqeshi. Kugudluzwe uMngqithi wehliselwa kwesokuba yi-Senior Coach, okuyisikhundla ebesiphethwe nguSteve Komphela oseyi-First Team Coach.
"Nginomuzwa wokujabula nokubonga ngokugixatshezwa ngomsebenzi omkhulu kangaka kodwa sisebenza sonke ngokubambisana. Akukho okuzoshintsha ngoba ngibaluleke njengabo bonke abantu eqenjini, mhlawumbe futhi ngibaluleke kancane. Baningi abantu ababaluleke kakhulu kwiMamelodi Sundowns kunami. Ngiyingxenye nje encane ezama ukwenza okusemandleni. Ngizoqhubeka nokwenza lokho," kusho uMokwena.
"Sinomqeqeshi uManqoba ongumqeqeshi oseqophelweni eliphezulu noSteve, imisebenzi yakhe iyazikhulumela. Kunomqeqeshi uWendell (Robinson opheka onozinti) nethimba lonke labaqeqeshi. Akukho okushintshayo. Ukubaluleka kwami akwenyukile. Kunalokho ngicabanga ukuthi... njengoNelson Mandela owathi, abaholi abaphambili yilabo abahola bengemuva futhi awuzwa okuningi ngabo, ngaphandle uma kunenkinga enkulu, bayasukuma bavikele bonke abantu."
Umdlalo olandelayo kaMokwena esebhentshini ungoMgqibelo ngo-6 ntambama, lapho iDowns izovakashela iRoyal AM koweligi eChatsworth Stadium.