UBONA i-Orlando Pirates isemgqigqweni omuhle wokuqeda ukuchanasa kweMamelodi Sundowns, uMilutin “Micho” Sedrojevic waseSerbia oqeqeshe eZimnyama amahlandla amabili eminyakeni edlule.
Ekhuluma naleli phephandaba umqeqeshi waseSerbia, uveze iDStv Premiership ingenye yamaligi awalandela kakhulu.
Ube esencoma ithimba lobaqeqeshi beZimnyama ngokunqoba inkomishi yeMTN8 neyeNedbank Cup nokulala isibili kwiligi.
Uthe uma ingazihlela kahle uyibona isethubeni elihle lokuthwalisa kanzima iSundowns.
Ebuzwa uMicho ukuthi kumele ilungise iqinise kuphi, uthe:
“Kulikhuni ukusho ukuthi kumele ilungise kuphi noma kanjani. Nokho ngingakusho kumele iluthole unyazi lomgadli iphinde iqinise nakwezinye izindawo.
“Njengoba kulungiselelwa isizini ezayo ngiyabathemba abaqeqeshi bePirates ukuthi bazoqhamuka namasu azobuyisa izinsuku zenjabulo kubalandeli.
“Bakutshengisile ngesizini edlule ukuthi bayakwazi ukuzihlela izinto zabo. Ngiyazi ukuthi esikhathini esiningi kubhekwa imiphumela emaqenjini amakhulu.
“Nokho ngiyayincoma iPirates ngebhola elihle elidlale ngesizini edlule. Kwazi bani ukube isebenze kusakhanya beyizoyibhincisela nxanye iSundowns.”
UMicho ufike kuleli ngo-2006. Uhambile waphinde wabuyela kweZimnyama phakathi kuka-2017 no-2019.
Nakuba enganqobanga lutho nePirates kula mahlandla kodwa ungomunye wabahlonishwayo njengoba esenqobe izinkomishi ezingaphezu kuka-15 eminyakeni engu-22 esebholeni elikhokhelayo.
Uthathwa njengomunye wabaqeqeshi abalaziyo ibhola lase-Afrika njengoba esecije izinkunzi zamaqembu afana ne-Al-Hilal yaseSudan, Young Africans yaseTanzania neZamalek yase-Egypt ukusho ambalwa.
Kuyimanje ucija iqembu lesizwe lase-Uganda, ahluleke ukuyifaka kwi-African of Nations (Afcon) yangonyaka ozayo, e-Ivory Coast.
Amanye aseke wawacija elaseRwanda nelaseZambia.
ISundowns isiphenduke unogwaja wokujahwa kwiPSL kwazise isisinqobe amahlandla ayisithupha kulandelana isicoco seligi.
Lokhu kwenza ihlale ikwiCaf Champions League, Ezimnyama eziyigcine ngo-2018/19.
Nalapho zaphuma esigabeni samaqoqo, kwiGroup F ezaziboshelwe kuyo ne-Esperance de Tunis eyagcina iyizingqwele.
UMicho uyifisele impumelelo iPirates.
“Ngimfisela inhlanhla uDkt Khoza neSundowns. Basebenze ngokuzikhandla. Mhlawumbe sesifikile isikhathi senkanyezi yesibili. Ukunqoba lo mqhudelwano kubaluleke kakhulu ngoba kuchaza lukhulu ngeligi okudlala kuyo iqembu eliyingqwele,”