AKAKALILAHLI ithemba ngokuthola iqembu phesheya kwezilwandle umgadli wakuleli, uLuther Singh yize sekuphele izinyanga engasenalo.
USingh uphenduke undingasithebeni ngoJanuwari ngesikhathi iFK Cucaricki yaseSerbia inqamula inkontileka yakhe ekuqaleni kwesizini ka-2023/24.
Ulishayele amagoli amabili emidlalweni engu-16 ayidlale emiqhudelwaneni ehlukene kodwa eminingi yawo ubesuka ebhentshini.
Bekubhekwe ukuthi athi ukuzinza kulo kulandela ukubheda kwezinto kwelaseDenmark, iFC Copenhagen.
Amanye amaqembu ake agijima kuwona phesheya yi-CD Chaves, Pacos Ferreira, Sporting Braga neMoreirense, wonke okungawasePortugal kuvale iGAIS yaseSweden.
"Sithole izicelo ezimbalwa ezivela emaqenjini ase-Afrika kodwa uLuther usafisa ukuhlala e-Europe. Sike sathintwa yiqembu laseScotland kodwa iholo belilincane.
“Ngisaxoxisana nalo futhi kungenzeka libuye nokungcono,” kusho ophethe izindaba zika-Singh, uWarren Swartz, etshela iphephandaba laseDenmark i-Tipsbladet.
USwartz uthe kumele bathole iqembu lapho uLuther ezothola khona amathuba okudlala. Mayelana neholo, bangavuma ukulehlisa kodwa kufanele kube yinto ebonakalayo.
Ngokwamahebezi iqembu lase-Egypt, iZamalek, lingelinye lalawo aseke abuza ngoSingh. Kunamanye akuleli uSwartz athi nawo aseke amthinta mayelana nalo mgadli.
USingh (26) unemidlalo engu-13 kwiBafana Bafana, washaya amagoli amathathu kusukela ngo-2017 kuya ku-2021.
USwartz ubona ukuthi iqembu elilandelayo azolikhetha lizoba nomthelela ekutheni uyalithola yini elinye ithuba lokubizwa kwiBafana.
Eqenjini likaHugo Broos uzobanga indawo nabanye abagadli abazinze phesheya njengoLyle Foster, osenesikhathi engabizwa kulona ngenxa yokhwantalala.
Abanye wuLebo Mothiba osalimele odlala eFrance, uMihlali Mayambela odlala eCyprus noBongokuhle Hlongwane odlala e-USA kodwa naye obesazitshiwe wuBroos.
Abanye abagadli uPercy Tau, Zakhele Lepasa, Evidence Makgopa, Khanyisa Mayo no-Iqraam Rayners.
UFoster unamagoli amane emidlalweni engu-17 aseyidlalele iBurnley FC kwiPremier League kule sizini.
Umgqigqo omuhle aqala ngawo isizini uphazanyiswe wukugula kodwa ubukeka eseqala ukusondela efomini yakhe njengoba esebuyele eqenjini.
UMothiba, ogijima kwiStrasbourg, waphuka edolweni ngoDisemba nyakenye. Akukacaci ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani engadlali.
UMayambela unamagoli ayisithupha emidlalweni engu-32 emiqhudelwaneni ehlukene ayidlale neqembu lakhe i-Aris Limassol.
UHlongwane useyibhakuzise kabili inethi emidlalweni emithathu kwisizini entsha yeMajor League Soccer (MLS), lapho egijima khona kwiMinnesota United.