UMDLALO weSekhukhune United wama-quarterfinal eMTN8, umcacisele okuningi u-Eric Tinkler ongumqeqeshi weCape Town City.
Kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium, iThe Citizens inqobe ngo-1-0 okube iphenathi eshaywe uDarwin Gonzalez sewuyophela umdlalo.
Lo mdlali waseVenezuela, uqale ngokugeja enye iphenathi esiwombeni sokuqala. Kulo mdlalo kubonakale uKamohelo Mokotjo, Fortune Makaringe noHaashim Domingo obangezinye zezinduku ezithezwe iCity ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25.
UTinkler uveze ukuthi bangene enkundleni belindele umdlalo onzima kwiSekhukhune ayichaze ngokuthi ihlale ibanika inkinga.
Uqhube wathi nakuba kunezikhawu angazithandanga kubadlali bakhe kodwa bamnikezile lokhu abekudinga. Ukhale ngokuthi nakuba ngaphambi komdlalo wangempelasonto beyidlalile eyobungani kodwa ibingamniki into ayifunayo.
"Yebo iyasiza imidlalo yobungani. Inkinga ngayo ukuthi ngeke ukwazi ukubona ngayo ukuthi ukulungele kangakanani ukuqala isizini ngezinga eliphezulu. Besiwudinga umdlalo wezinga elitshengiswe iSekhukhune. Kuningi okuhle engikubonile kubadlali bami. Kuningi futhi okumele sikulungise," kubeka uTinkler.
Uqhube wathi kuye kusinda kwehlela ngisho ukuthola imidlalo yobungani.
"EKapa asinawo amaqembu amaningi adlala esigabeni esikhulu. SineStellenbosch kuphela. Imidlalo yobungani awuyidlali nanoma ubani, kumele uthole iqembu elizokunika inselelo yezinga eliphezulu. Osekunginika ithemba ukuthi kusekude ukuthi iligi iqale. Sizothola isikhathi esanele sokulungisa amaphutha. Kulesi sigaba sesizini esikuso abadlali basuke bangakacijeki ngokwanele."
Imidlalo yeBetway Premiership izoqala ngoSepthemba 14.
UTinkler uzwakalisa ukwenama ngebhola elidlalwe ngabadlali bakhe abasha, waveza ukuthi ezakhe zisayinise abadlali abayishumi.
"Ukhumbule ukuthi akulula ukungena khaxa esikhathini esifushane eqenjini elisha. Kunabadlali abebeqala ukudlala ngale ndlela esidlala ngayo lapha kwiCity. Ngokuhamba kwesikhathi bazoyijwayela indlela esenza ngayo lapha," kuqhuba uTinkler.
Akakuphikanga ukuthi kusengenzeka kube khona abadlali ababasayinisayo. Uthe ukuhamba kukaKhanyisa Mayo kuvule isikhala. Ujoyine i-CR Belouizdad yase-Algeria.
Ngalo isonto eledlule, usihlalo weCity utshele Isolezwe ukuthi uzohlangana noKermit Erasmus ngenhloso yokumnxenxa ukuthi ajoyine iqembu lakhe. Uqhube wathi bafuna nomdlali wasemuva.