USETHEMBELE kubadlali beDStv Diski Challenge (DCC), u-Ernst “Mazinyo” Middendorp obhekene nomqansa wokusindisa iSwallows FC ezembeni kwiDStv Premiership.
ISwallows idonsa isigwebo seFifa esivimba ukuthi ibhalise abadlali abasha eqenjini. Lokhu kulandela ukulahlwa yicala elafakwa ababengabadlali beMoroka Swallows, uVladimir Mandic no-Obren Cukovic, ababuyela eSlovania, e-Europe kungesekuhle bekweletwa imali yileli qembu.
Laba badlali balubika kwiFifa udaba. Ngokuhamba kweminyaka udaba lulokhu luqhubeka, kuvele namahlebezi athi abaphathi beSwallows FC, benze isithembiso sokukhokhela laba badlali imali yabo ngoSepthemba nyakenye, kodwa lokhu kwangenzeka.
Kulapho kuphoqeke khona iFifa ukuba inswinye leli qembu likaDavid Mogashoa, ophathwe kabi wukushabalala kweMoroka Swallows abeyithanda (eminyakeni edlule), wathenga isitifiketi seMaccabi FC ngenhloso yokuvusa iZinyoni.
UMiddendorp, utshele isithangami nabezindaba ukuthi uzobalanda eqenjini leDDC abadlali abazomsiza avikise iSwallows izembe.
Ukusho lokhu ngemuva kokushaywa iMamelodi Sundowns ngo 2-0 koweligi obuseLoftus Versfeld ngoLwesibili ebusuku. Lona bekuwumdlalo wesibili walo mqeqeshi waseGermany esebhentshini. Kowokuqala bahlulwe yiRichards Bay FC ngo 1-0 ekuhambeni ngempelasonto.
“Yebo, sihlulwe yiSundowns eyehlula wonke umuntu vele, kodwa kule midlalo emibili (okuhlanganisa noweRichards Bay FC), kuningi okuthembisayo esengikubonile,” kusho uMiddendorp.
“Angikungabazi ukuthi kule midlalo esisalele, sizokwazi ukuqoqa amaphuzu esiwadingayo. Kunenqwaba yabadlali obese kunesikhathi ingadlali ngenxa yezizathu ezahlukene kodwa ebengiphoqelekile ukuyisebenzisa kulo mdlalo weSundowns.
“Kunabadlali abenze kahle koweRichards Bay kodwa ebesingeke sikwazi ukubasebenzisa koweSundowns, ngezizathu ezahlukene,” kusho yena.
Ngesikhathi uMiddendorp ebuzwa ngokuthi uzosiqinisa kanjani isikimu sakhe njengoba kubukeka sengathi siyakudinga lokho, ukhombe kweleDDC.
“Nakuba uMusa (Nyatama) noDylan (Kerr) obesebenza ngaphambi kwakhe, benze umsebenzi omuhle kodwa iqiniso limile ekutheni isimo engisificile asilula uma uzokhumbula ukuthi iqembu linesigwebo seFifa.
“Kunabadlali abaningi abangekho esimweni ngenxa yezizathu eziningi ezahlukene. Siyazama ukuhlanganisa ngalokhu okukhona, ngakho-ke akufanele kulindelwe ingcwenga yebhola kithina.
“Esizokwenza wukubheka kulokhu esinakho, bese sizama ukukhulisa kona. Sizongena sigxile eqenjini lethu leDDC njengoba ebonakele u-Ian (Makaringe) koweSundowns.
“Bakhona abathathu esengibabonile ukuthi bangasenzela umsebenzi uma sizosebenza nabo eduze. Siphoqelekile ukubasondeza nesikimu esikhulu ngokushesha ngoba sizobadinga. Sizosuka la esikhona yize kungase kusithathe isikhathi eside,” kuphetha uMiddendorp.