UMQEQESHI osanda kuthatha izintambo kwiCape Town Spurs, u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, uveza eyokuzithela phezu kwenqwaba yabadlali athi abangekho ezingeni lokudlalela iqembu elisesigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.
UMiddendorp othathe lo msebenzi ngasekupheleni kukaNovemba, akakakwenzi alandelwe khona njengoba induku yangoLwesithathu ka 3-0 yeMamelodi Sundowns bekungeka-13 emidlalweni engu-14 yeDStv Premiership kuleli qembu.
ISpurs ekhushulelwe esigabeni esikhulu ekupheleni kwesizini edlule, isaphumelele ukuthola amaphuzu amathathu kwiwini yayo kwi-Orlando Pirates okuseyiyona yodwa kule sizini.
Lo mqeqeshi waseGermany ojwayele ukulandwa uma iqembu selibhekene nezembe ngamehlo, uvumile ukuthi zingaphezulu kwalezi abezicabanga izinkinga azifice kwiSpurs.
Umdlalo weSundowns ufika nje, vele uMiddendorp useke wakuveza ukuthi uzogenca abadlali abaningi kuleli qembu uma ethola ithuba.
“Kuliqiniso ukuthi uma usesimweni esikusona nomoya ubaphansi okulandelwa ukwehlelwa ukuzethemba kodwa ngikholelwa ekutheni kufanele silwe noma kunjalo,” kusho uMiddendorp esithangamini nabezindaba.
Lo mdlalo uze waphela iSpurs ingakaze ifike nakanye kuDenis Onyango, obevimbele iSundowns kodwa yona kunozinti (weSpurs) ifike amahlandla angu-18.
“Kuyaphoxa uma ubona izimpawu zokwamukela ukuhlulwa kubadlali. Akekho ongazi ukuthi iSundowns ingcono kunawo wonke amaqembu kuleli kodwa uma ungenalo ithalente lokuyivimba, okungcono sebenzisa amandla.
“Ngibone abadlali abebengazimisele nangokuzama okuyinto engeyinhle kwazise ukuzinikela nomfutho ikhona okudingeka kakhulu ukuze siphume esimweni esibhekene naso.
“Ngiyakukholwa ukuthi kungumsebenzi wami ukwenza babengcono abadlali engibafice kwiSuprs. Yebo kusengamasonto ambalwa ngifikile, kodwa engikubona ejimini akufani nakancane kokwenzeka emidlalweni.
“Iqiniso okungafanele silibalekele ukuthi baningi kakhulu abadlali engicabanga ukuthi abekho ezingeni lokudlala esigabeni esikhulu.
“Okunye esengikuqaphelile ukuthi kubona bonke abadlali abakhona, akekho onomoya wokuqeda imizuzu engu-90,” kuphetha uMiddendorp sakubalisa.
Umdlalo olandelayo weSpurs usekuhambeni ngoDisemba 23 naMaZulu FC.