IMENENJA kaHappy Mashiane oyisitobha seKaizer Chiefs ebesilizwa ngendaba ijezi ngesizini ephelelile, seyibeke ithemba kumqeqeshi ozoqashwa yileli qembu ukuthi abuyise izinsuku zenjabulo kulo mdlali.
UMashiane (26) oyibamba emuva ohlangothini lwesokunxele, wanyuselwa eqenjini elikhulu maphakathi nesizini ka-2018/19.
Wayekade edlala enkulisa yaMakhosi. Wayefike kuyo ngo-2014 ephuma kwiFuture Through Football (FTF) okuyiqembu langakubo eTembisa.
Selokhu afika kuleli qembu yisizini ka-2020/21 okubukeka imhambele kahle. Ulime indima enkulu ekutheni iqembu lakhe lifinyele kowamanqamu eCaf Champions League. Sekungumlando ukuthi bashaywa i-Al Ahly yase-Egypt eyayiqeqeshwa uPitso Misimane.
Ohambeni lwalo mqhudelwano washaya igoli emidlalweni emihlanu. Waphinde wavalela amathathu kwewu-18 yeDStv Premiership. Nokho kumasizini alandelile izinto ziqale ukumbhedela esenikwa imidlalo embalwa.
Kweka-2023/24 kube mnyama kakhulu kunakuqala njengoba uCalvin Johnson obeyibamba lomqeqeshi emdlalise eyeligi eyisithupha kuphela nowodwa weNedbank Cup.
Inkontileka yakhe iphela ngoJuni ka-2025.
Emuva kwesokunxele, uJohnson ubencamela ukudlalisa uSifiso Hlanti noma u-Edmilson Dove waseMozambique. Zombili lezi zitobha ziphelelwa inkontileka ekupheleni kwenyanga. Kuvela ukuthi ekaDove inombandela wokuvuselelwa ngeminyaka emibili.
Kuke kwavela ukuthi ngewindi likaJanuwari, Amakhosi abehlela ukubolekisa uMashiane, kwiChippa United. Nokho lokhu kugcine kungenzekanga.
UThato Matuka oyimenenja kaMashiane, ukuvumile kuleli phephandaba ukuthi isizini esanda kusongwa imphathe kabi umdlali wakhe.
Akathandanga ukuphawula ngemibiko ematanisa lo mdlali namanye amaqembu. Uqhube wathi okuhle ukuthi kuza umqeqeshi omusha kwiChiefs abakholelwa ukuthi uzochazeka ikhono likaMashiane. IChiefs ayikamethuli umqeqeshi omusha, kunamagama amataniswa nayo okukhona nelikaNasradine Nabi.
"Uzophumula isikhathi esincane uHappy. Kumele abadlali beChiefs babuyele emsebenzini umzimba wakhe usesimweni esihle. Wonke umuntu uyazi ukuthi uwumdlali onethalente. Kuyiko nje ukuthi kwesinye isikhathi abaqeqeshi bathanda izindlela ezehlukene zokudlala. Bancamela ukudlalisa uhlobo oluthile lwabadlali, oluthandwa yibo. Siyakholelwa ekutheni umqeqeshi ozofika kwiChiefs uzomnika uHappy ithuba lokuzibonakalisa. UHappy uzimisele ngokuyilwela indawo yakhe," kubeka uMatuka ophinde aphathe izindaba zika-Itumeleng Khune ongunozinti wayo iChiefs.
Ngesifanayo nakuye uKhune, uphelelwa inkontileka. Naye kwisizini esanda kusongwa ijezi ubelizwa ngendaba. Uvimbe eyisithupha kuphela. Kwenzeka lokhu, lo nozinti uke waba insika yaleli qembu iminyaka ecela kwewu-20.
Ngasekupheleni kwesizini edlule, emuva komdlalo wePolokwane City, iqembu lakhe liqome ukumhlonipha ngenxa yamagalelo akhe kulona.
NgoDisemba like lamumisa emsebenzini ngenxa yezinsolo zokufika ephuzile. Uze wabuyela emsebenzini ngoMashi. UMatuka akathandanga ukuphawula ebuzwa ngekusasa likaKhune.
"Ngicela iChiefs siyinike ithuba lokuthatha isinqumo. Izovula emsebenzini ngoJuni 20. Ngicela ungithinte ngoJuni 21, mhlawumbe kukhona okuzobe sekubambeka. Nathi silinde yona,“ kusho uMatuka.