UMQEQESHI obanjiswe kwiBaroka FC kuze kube sekupheleni kwemidlalo yokuhlungela ukunyukela kwiDStv Premiership, uMorgan Mammila, ukholwa wukuthi leli qembu lisengayinqoba imidlalo emibili elisalele ukuzibuyisela embangweni wokukhushulelwa esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.
IBaroka eqede endaweni yesithathu esigabeni esiphansi iMotsepe Foundation Championship, isemsileni kwi-log yemidlalo yokuhlunga njengoba isathole iphuzu emidlalweni emibili eseyiyigijimile.
Namuhla ngo-7.30 ebusuku izokwamukela i-University of Pretoria (Tuks) eGlobal Village Stadium, eLimpopo.
Kowokuvula le midlalo okube owokugcina, kaDan “Dance” Malesela, okuvalwe isikhala sakhe ngoMammila, iBaroka ishaywe iTuks ngo 1-0 ekuhambeni ngaphambi kokucazelana ngamaphuzu ibambana ngo 0-0 neRichards Bay FC ngempelasonto edlule eGlobal Stadium, eLimpopo.
IRichards Bay eqede endaweni ka-15 kwiDStv Premiership iwunqobile owayo wokuqala neTuks eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngeledlule njengoba isithola iphuzu kwiBaroka.
Lo mqeqeshi oke wasebenza kwiBaroka njengesikhulu esiphezulu eminyakeni edlule akaliphonsile ithawula ngethuba leqembu lakhe kule midlalo yokuhlunga eqhubekayo yize izibalo zikhomba okunye.
“Okumqoka ukuthi siyawakha amathuba ngakho-ke kufanele siphume neqhinga lokuwasebenzisa kule midlalo esisalele,” kusho uMammila kwiSuperSport ngemuva komdlalo weBay.
“Angikungabazi ukuthi abadlali engibafice kwiBaroka banaso isipiliyoni sokunqoba imidlalo emibili esisalele bese sibheka ukuthi kweminye imidlalo kwenzekani. Ngeke ngiliphonse ithawula, angiyona leyo nhlobo,” kuphetha uMammila.
Lo mqeqeshi ubuya kwiBaroka ‘ukuzosiza’ njengoba ebelokhu egcizelela kule nkulumo nabakwaSuperSport, ushiye ngendlela engaqondakali kwiChippa United abesebenzisana kuyo noKwanele Kopo noThabo September.