NGAPHANDLE kokusiza iMarumo Gallants ithole amaphuzu ayo okuqala agcwele kwiDStv Premiership ngokwehlula iSuperSport United, okunye aphume nakho umqeqeshi omusha uDan “Dance” Malesela, wukhiye wokususa leli qembu empini yezembe elibhekene nalo.
UMalesela, oqashwe ngeledlule kwiGallants, uzibule ngewini bebuya kade belandela ngemuva kwiSuperSport United, banqoba ngo 2-1 ekuhambeni.
Emdlalweni kaMalesela wokuqala ekhaya bazovakashelwa yiMaritzburg United kusasa ngo-5 ntambama, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Ngaphambi komdlalo weSuperSport, uMalesela uthe okumdonse kwiGallants wuhlobo lwabadlali abebona ukuthi angakwazi ukusebenza ngalo.
“Ngihambela phezulu njengoba ungacabanga nawe ukuthi kungajabulisa wonke umqeqeshi ukuthola iwini ngomdlalo wokuqala eqenjni elisha.
“Kuyengeza kuleyo njabulo nokuthi leyo wini, bekungeyokuqala yesizini eqenjini,” usho kanje ngokuzethemba uMalesela ekhuluma nethimba labezindaba leGallants ngemuva kokunqoba kwiSuperSport.
UMalesela olandelwe ukuthi azoshintsha isimo kwiGallants, uthe ngemuva kokubona abadlali bakhe koweSuperSport, useyalazi iqhinga azosebenzela phezu kwalo ukukhipha leli qembu enkingeni.
“Yebo kungijabulisile ukuwina ngoba amaphuzu siyawadinga kodwa okwehle kahle kunakho konke kimina ukubona abadlali bezama izinto ebesikhuluma ngazo maphakathi nesonto.
“Kukhona vele la kusenamaphutha khona kodwa ukuqaphela ukuthi abadlali bami bayalalela uma ngikhuluma nabo kungikhulisele ithemba ngokuthi nakanjani sizosuka la esihleli khona.
“Cishe konke lokhu obekwenziwa kahle abadlali bami kulo mdlalo, yizinto ebesisebenza ekubeni ngcono kuzona isonto lonke. Lokhu obekwenziwa abadlali akuyona into abebeyisusela emakhanda abo, ngakho ngikhuthazekile, ” kuqhuba uMalesela sakuqhosha.
Lo mqeqeshi oke wasebenza kwiChippa United nakwiTS Galaxy, uthembise lukhulu ngaleli qembu, kodwa konke uthe kulele ekutheni abadlali bayaqhubeka yini nokulalela.
“Liqhakazile ikusasa leGallants yinqobo nje uma abadlali bezoqhubeka nokwenza ngale ndlela abenze ngayo ngesonto lokuqala.
“Ukulalela imiyalelo nokuqhubeka nokuzama ukwenza lokhu esisuke sikwenze ngesikhathi siziqeqesha, yiwona ukhiye wokususa iGallants kule ndawo embi ehleli kuyona,” kusonga uMalesela.